Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 9:6 - IsiZulu 2020

6 “Ochitha igazi lomuntu, nelakhe liyochithwa ngumuntu, ngokuba umuntu wadalwa nguNkulunkulu, wamenza wafana naye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ochitha igazi lomuntu, igazi lakhe liyakuchithwa ngabantu, ngokuba uNkulunkulu wamenza umuntu ngomfanekiso wakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ochitha igazi lomuntu, igazi lakhe liyakuchithwa ngumuntu, ngokuba umuntu wamenza umuntu ngomfanekiso kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 9:6
32 Referans Kwoze  

“ ‘Umuntu oshaya omunye aze afe, impela uyobulawa.


UJesu wathi kuye: “Buyisela inkemba yakho emgodleni wayo, ngokuba bonke abaphatha inkemba bayakubhubha ngenkemba.


Uma uthathwa uyiswa ekuthunjweni, uyakuya ekuthunjweni; uma kukhona obulawa ngenkemba, uyakufa ngenkemba. Lokhu kungukubekezela nokukholwa kwabangcwele.


“ ‘Aniyukulingcolisa izwe enihlala kulo, ngokuba igazi liyalingcolisa izwe; ayikho inhlawulo yezwe ngegazi elichitheke kulo, kuphela ngegazi lalowo olichithile.


Ngolimi sibonga iNkosi uBaba, nangalo futhi siqalekisa abantu abenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu.


Nantu uhla lozalo luka-Adamu. Ngesikhathi uNkulunkulu edala umuntu wamenza wanjengaye.


ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu, ukuze sikwenzele okuhle. Kepha uma wenza okubi, yesaba, ngokuba akayiphatheli ize inkemba, phela uyisikhonzi sikaNkulunkulu, nophindisela ulaka kulowo owenza okubi.


Bheka, namuhla usungixoshile emhlabeni, sengingumhambuma nozulane ezweni, ngethuswa wubala, noma ngubani ohlangana nami uzofuna ukungibulala.”


Ngonile kuwe, kuwe wedwa, ngenza okubi emehlweni akho. Wena ulungile nxa wehlulela, futhi kucacile ukwehlulela kwakho.


Inhlangano iyakumhlenga umbulali esandleni somphindiseli wegazi, imbuyisele emzini wakhe wokuphephela lapho ebebalekele khona, ahlale kuwo kuze kufe umphristi omkhulu owayegcotshwe ngamafutha angcwele.


engayilethanga emnyango wethende lokuhlangana ukunikela ngayo ibe ngumnikelo kaSimakade ngaphambi kwethabanakeli likaSimakade, lowo muntu uyakubekwa icala legazi, ngokuba uchithile igazi; lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo.


Ngokuba indoda ngokweqiniso ayifanele ukwemboza ikhanda, lokhu ingumfanekiso nodumo lukaNkulunkulu, kodwa owesifazane uwudumo lwendoda.


URubeni wabaphendula wathi: “Angishongo yini ukuthi: ‘Ningakwenzi okuyisono kumfana,’ nangangilalela na? Manje igazi lakhe selifuneka kithi.”


UNkulunkulu waphindisela kanjalo ku-Abhimelekhi ngobubi ayebenze kuyise, ngokubulala abafowabo abangama-70.


USamuweli wathi: “Njengalokhu inkemba yakho ibaphucile abesifazane abantwana, kanjalo unyoko uyakwaphucwa abantwana njengabanye.” USamuweli wayesemhlahlela u-Agagi phambi kukaSimakade, eGiligali.


Bamdedela nxazombili, wayesehamba ngendlela okungena ngayo amahhashi endlini yenkosi; wabulawelwa lapho.


Umuntu osindwa yigazi lomunye, uyakubaleka kuze kube segodini; makangasizwa muntu.


isikhathi sokubulala, nesikhathi sokuphilisa; isikhathi sokubhidliza, nesikhathi sokwakha;


“ ‘Uma umuntu eshaya omunye ngokwakhiwe ngensimbi afe, ungumbulali; impela umbulali uyobulawa.


“Kepha uma umuntu ezonda umakhelwane wakhe, amlalele unyendle, amvukele, amshaye ambulale, abalekele komunye wale mizi,


Kakhulu kangakanani lapho abantu ababi bebulele umuntu olungileyo, ezilalele embhedeni wakhe, endlini yakhe; igazi lakhe angiyukulibiza yini kini, nginishabalalise emhlabeni na?”


“Ngakho-ke ungamyeki engajezile, wena ungumuntu ohlakaniphileyo, uyokwazi okufanele ukwenze kuye ukuze uyehlisele impunga endaweni yabafileyo inegazi.”


Kwathi ukuba u-Athaliya, unina ka-Ahaziya, abone ukuthi indodana yakhe ifile, waqala ukubhubhisa bonke abasebukhosini.


Abantu bonke bezwe bathokoza kakhulu, umuzi waba nokuthula. U-Athaliya babembulele ngenkemba esigodlweni.


Izinceku zakhe zamakhela uzungu, zambulala endlini yakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite