Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 9:5 - IsiZulu 2020

5 Maqondana negazi lenu okukulo ukuphila, ngiyakuliphindiselela kuzo zonke izilwane ngisho noma nibulalane nodwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kodwa elenu igazi okukulo umphefumulo wenu ngiyakulibiza; kuzo zonke izilwane ngiyakulibiza; nakubo bonke abantu ngiyakubiza umphefumulo wabo, owomunye esandleni somunye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Futhi ngempela, igazi lempilo yenu ngizolibiza; esandleni sazo zonke izilwane ngiyakulibiza, nasesandleni somuntu; esandleni somfowabo ngamunye ngiyakufuna ukuphila komuntu.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 9:5
26 Referans Kwoze  

“Umuntu oshaya omunye ambulale, naye uyakubulawa.


Ungumphindiseli, uyabakhumbula, akabakhohlwa abahluphekileyo nabathobekile, akakukhohlwa ukukhala kwabo.


Liyakubizwa kini lonke igazi labalungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo, kuze kube kwelikaZakhariya indodana kaBharakiya, enambulala phakathi kwethempeli ne-althare.


“ ‘Awuyukuhamba unyevuza phakathi kwabantu bakini. Awuyukufuna nzuzo ngegazi likamakhelwane wakho; nginguSimakade.


Wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bomhlaba, wamisa izinkathi ezinqunyiweyo nemingcele yokuhlala kwazo,


URubeni wabaphendula wathi: “Angishongo yini ukuthi: ‘Ningakwenzi okuyisono kumfana,’ nangangilalela na? Manje igazi lakhe selifuneka kithi.”


UNkulunkulu waphindisela kanjalo ku-Abhimelekhi ngobubi ayebenze kuyise, ngokubulala abafowabo abangama-70.


Kakhulu kangakanani lapho abantu ababi bebulele umuntu olungileyo, ezilalele embhedeni wakhe, endlini yakhe; igazi lakhe angiyukulibiza yini kini, nginishabalalise emhlabeni na?”


Inkosi uJowashi ayikhumbulanga ukwethembeka ayenakho kuye uJehoyada uyise ngesikhathi ibulala indodana yakhe. Lapho isifa yathi: “USimakade makakubone lokhu, aphindisele.”


“ ‘Umuntu oshaya omunye aze afe, impela uyobulawa.


Obulala inkomo, uyoyikhokha; obulala umuntu, uyobulawa.


“ ‘Uma umuntu eshaya omunye ngokwakhiwe ngensimbi afe, ungumbulali; impela umbulali uyobulawa.


Uma emshaya ngetshe aliphethe ngesandla, aze afe, ungumbulali; umbulali uyobulawa.


Uma ephethe isikhali sokhuni amshaye ngaso, aze afe, ungumbulali; umbulali uyobulawa.


noma ngobutha, amshaye ngesibhakela, aze afe; ungumbulali. Umphindiseli wegazi lapho ehlangana nombulali uyakumbulala.


“Kepha uma umuntu ezonda umakhelwane wakhe, amlalele unyendle, amvukele, amshaye ambulale, abalekele komunye wale mizi,


amalunga akulowo muzi ayothumela, alandwe lapho, amnikele esandleni somphindiseli wegazi ukuba abulawe.


Uyokwenza njengokuhlakanipha kwakho, ungavumi ukuba aze abe mpunga, aye endaweni yabafileyo ngokuthula.


Kwathi ukuba u-Athaliya, unina ka-Ahaziya, abone ukuthi indodana yakhe ifile, waqala ukubhubhisa bonke abasebukhosini.


Izinceku zakhe zamakhela uzungu, zambulala endlini yakhe.


Abantu bezwe nokho bababulala bonke labo ababenzele inkosi ugobe, base beyingcwaba inkosi abantu bezwe. Abantu bezwe bamenza uJosiya, indodana yakhe, inkosi esikhundleni sakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite