Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 9:3 - IsiZulu 2020

3 Zonke izilwane eziphilayo, ziyokuba ngukudla kwenu, njengoba nganinika imifino, sengininika konke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Zonke izilwane eziphilayo ziyakuba ngukudla kwenu; ngiyaninika konke kube njengemifino eluhlaza.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Konke okuphilayo kuzakuba ngukudla kwenu; njengekhambi eliluhlaza ngikunike konke.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 9:3
18 Referans Kwoze  

Ngiyazi, njengokuba nginesiqiniseko eNkosini uJesu, ukuthi akukho lutho olungcolileyo ngokwalo, kuphela kulowo othi kungcolile, kuyena-ke kungcolile.


“Ningahlaba, nidle inyama phakathi kwayo yonke imizi yenu njengesifiso senhliziyo yenu nanjengesibusiso uSimakade uNkulunkulu wenu aniphe sona phakathi kwamasango enu. Ongcolileyo nohlambulukileyo bayokudla kukho njengalokhu benza kweyensephe neyendluzele.


Ngakho-ke noma niyadla, noma niyaphuza, noma nenzani nje, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.


Ngakho-ke makungabi bikho muntu onehlulela ngokudla, nangokuphuzwayo, noma ngemikhosi, noma ngokwethwasa kwenyanga noma ngamasabatha,


Konke kuvunyelwe, kodwa akusizi konke; konke kuvunyelwe, kodwa akwakhi konke.


Odlayo makangamdeleli ongadliyo, ngokunjalo nongadliyo makangamehluleli odlayo, ngokuba uNkulunkulu umamukele.


Akayukuyidla ingcuba nesilwane esidweshulwe yizilwane zasendle, ukuze angazingcolisi ngakho; nginguSimakade.


Ungawuchithi umsebenzi kaNkulunkulu ngenxa yokudla. Konke kuhlanzekile, kepha kungcolile kulowo muntu okudla qede akhubeke.


Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokuphuza, kodwa ungukulunga, ukuthula, nokuthokoza kuMoya oNgcwele;


Konke ngikwethula ezandleni zenu: izinyoni zezulu nezilwane zonke zomhlaba, nezilwane ezihuquzelayo, nazo zonke izinhlanzi zolwandle; kuyakwehlelwa wuvalo, kunesabe, kuthuthumele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite