Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 7:13 - IsiZulu 2020

13 Ngalolo lusuku uNowa nowakwakhe namadodana akhe, uShemu, uHamu, noJafethi, nomkabo bobathathu bangena emkhunjini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngalolo suku uNowa wangena emkhunjini noShemi, noHamu, noJafete, amadodana kaNowa, nomkaNowa, nabafazi bobathathu bamadodana akhe bekanye nabo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngalolo suku uNowa, uShemi, noHamu, noJafete, amadodana kaNowa, nomkaNowa, nabafazi abathathu bamadodana akhe kanye nabo, bangena emkhunjini;

Gade chapit la Kopi




UGenesise 7:13
16 Referans Kwoze  

USimakade wathi kuNowa: “Ngena emkhunjini, wena nabo bonke abendlu yakho, ngokuba ngibonile ukuthi nguwena kuphela olungile phambi kwami kulesi sizukulwane.


Kepha ngizokwenza nawe isivumelwano, uzongena emkhunjini wena nomkakho namadodana akho nomkawo,


engawuyekanga nomhlaba wasemandulo, kodwa walondoloza uNowa, ummemezeli wokulunga, owayengowesishiyagalombili emkhunjini, mhla ehlisa uzamcolo emhlabeni walabo ababengamesabi uNkulunkulu.


kulabo abangalalelanga lapho uNkulunkulu ebalindele ngokubekezela emihleni kaNowa, umkhumbi usakhiwa, okwasindiswa abayingcosana, abayisishiyagalombili ababekuwo, ngawo amanzi.


Ngokukholwa, uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, ehlonipha uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, ngokwenza kanjalo wawehlulela umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.


uShemu naye wazalelwa amadodana, ungukhokho waso sonke isizukulwane sabakwa-Ebhere nomnewabo kaJafethi.


Amadodana kaHamu kwakunguKhushe, uMizirayimi, uPhuthi, noKhanani.


UNowa wazala amadodana amathathu: uShemu, uHamu, noJafethi.


Kwathi uNowa eseneminyaka engama-500, wazala uShemu, uHamu, noJafethi.


Kwangena zonke izilwane zasendle ngezinhlobo zazo, nezilwane ezifuywayo ngezinhlobo zazo, ezihuquzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo, nazo zonke izinyoni zezulu ngezinhlobo zazo, nakho konke okunamaphiko.


Kwafika usuku lwama-27 sekome nkwe phansi.


Uma befika oyise noma abafowabo bezokhononda kithi, siyothi kubo: ‘Yibani nomusa kubo, nibavumele bawathathe, ngokuba empini asiyitholelanga mfazi indoda ngayinye, kodwa nani anibanikanga amadodakazi enu, ngabe manje ninecala.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite