Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 6:8 - IsiZulu 2020

8 Nokho uNowa wafumana umusa emehlweni kaSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha uNowa wayetholile umusa emehlweni kaJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kodwa uNowa wathola umusa emehlweni eNkosi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 6:8
23 Referans Kwoze  

ningenzele uzwelo nangiphatha ngomusa nangiphephisa. Kodwa angikwazi ukubalekela ezintabeni, funa ngehlelwe yinhlekelele, ngibhubhe.


Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuze samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.


Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu.


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.


Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke;


Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, futhi umusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kodwa kungesimina, kepha kungumusa kaNkulunkulu okimi.


ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu.


USimakade uyabavikela abamthandayo, kodwa zonke izikhohlakali uyozibhubhisa.


Kodwa kumuntu osebenzayo, umholo awutholayo awubalelwa kuye ngokomusa, kodwa njengemfanelo yakhe.


owafumana umusa phambi kukaNkulunkulu, wacela ukwenzela uNkulunkulu kaJakobe idokodo.


Umuntu owenza kahle uthola umusa kuSimakade, kepha onamacebo amabi uyamlahla.


engawuyekanga nomhlaba wasemandulo, kodwa walondoloza uNowa, ummemezeli wokulunga, owayengowesishiyagalombili emkhunjini, mhla ehlisa uzamcolo emhlabeni walabo ababengamesabi uNkulunkulu.


Ngokuba ongifunayo, ufumana ukuphila, azuze umusa kuSimakade.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Abantu abasinde enkembeni bafumane umusa ehlane, ngesikhathi u-Israyeli eya khona ukuze athole ukuphumula.”


Sengathi iNkosi ingamenza athole ububele ngalolo lusuku. Wena ukwazi kahle konke angenzela khona e-Efesu.


Kepha ngomhla okwaba kuhle ngawo kuNkulunkulu owangehlukanisela ngisesesibelethweni sikamame, wangibiza ngomusa wakhe,


Kepha uma kungokomusa, akusayi ngemisebenzi; ngokuba uma kungenjalo, umusa awuseyiwo umusa.


ukuze sithi silungisiswe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa zokuphila okuphakade ngokwethemba.


Ngokuba njengasemihleni kaNowa, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu.


“Njengokuba kwakunjalo emihleni kaNowa, kuyakuba kanjalo nasemihleni yeNdodana yomuntu.


kulabo abangalalelanga lapho uNkulunkulu ebalindele ngokubekezela emihleni kaNowa, umkhumbi usakhiwa, okwasindiswa abayingcosana, abayisishiyagalombili ababekuwo, ngawo amanzi.


Noma ngabe bekukhona kulo lawa madoda amathathu: uNowa, uDaniyeli noJobe, bona bebeyakuyisindisa impilo yabo ngenxa yokulunga kwabo, kusho iNkosi uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite