Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 6:11 - IsiZulu 2020

11 Umhlaba wase wonakele kakhulu phambi kukaNkulunkulu, ugcwele ubudlova.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Umhlaba wawonakele ebusweni bukaJehova; umhlaba wagcwala ubudlwangudlwangu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Umhlaba wawonakele phambi kukaNkulunkulu, futhi umhlaba wawugcwele ubudlwangudlwangu.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 6:11
22 Referans Kwoze  

Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ubonile yini na? Kuyinto engelutho yini endlini yakwaJuda ukwenza izinengiso abazenza lapho na? Ngokuba baligcwalisile izwe ngobudlova, bedlula bachukuluza ulaka lwami. Uyabona, babeka amagatsha emakhaleni abo.


Phela wena uziphangile izizwe eziningi, yonke insali yabantu iyakukuphanga nawe, ngenxa yokuchitha igazi labantu nobudlova obenziwe ezweni nasemzini, nakubo bonke abahleli kuwo.’


Kepha siyazi ukuthi lokho okushiwo ngumthetho ukukhuluma kulabo abaphansi komthetho ukuze yonke imilomo ithuliswe, umhlaba wonke ubhekane necala kuNkulunkulu.


Ngokuba akusibo abezwa umthetho abangabalungileyo phambi kukaNkulunkulu, kodwa labo abawenzayo umthetho, yibona abayakulungisiswa.


Ngokuhweba kwakho kakhulu, wagcwala ubudlova, waphambuka; ngakulahla entabeni kaNkulunkulu usungcolile, ngakubhubhisa wena kherubhi elingumlindi, wasuka ematsheni omlilo.


Ayisayukubabikho indluzula ezweni lakini, nencithakalo nokubhubhisa phakathi kwemingcele yakho, kodwa izingange zakho uyozibiza ngokuthi yiNsindiso, namasango akho ngokuthi yiNdumiso.


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.


Ngokuba ubudlova obenziwe eLebhanoni buyakukuhaqa, nokubhujiswa kwezilwane kukwesabise, ngenxa yokuchithwa kwegazi labantu nendluzula eyenziwe ezweni, nasemzini, nakubo bonke abahleli kuwo.


Kuyoze kube nini Simakade ngikhalela usizo, ungezwa, ngikhala kuwe kalusizi, ungasindisi na?


Njengomthombo ogcina amanzi awo emahle, nalo ligcina kanjalo ububi balo; ubudlova nokucekela phansi kuyezwakala kuwo; ukugula namanxeba kuphambi kwami njalo.


Umuntu ohlebayo makangavunyelwa asimame emhlabeni, ububi mabusilandele isidlova, sibhujiswe.


Bahlakaze, Nkosi, uphithanise ulimi lwabo, ngokuba ngibone ubudlova nengxabano emzini.


USimakade uyamvivinya olungileyo, kodwa uyamzonda othanda ubudlova.


Abantu baseSodoma babonakele kakhulu, benza inkohlakalo yodwa phambi kukaSimakade.


Wayeyiphisi elinamandla phambi kukaSimakade. Yingakho kunesisho esithi: “Kuhle kukaNimrodi iphisi elinamandla phambi kukaSimakade.”


ngenxa yokuba inhliziyo yakho ibe nokuzisola, wazithoba phambi kukaNkulunkulu lapho uzwa amazwi akhe ngale ndawo, nangezakhamuzi zayo, yebo, wazithoba phambi kwami, waklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, kusho uSimakade.


USimakade wathi kuNowa: “Ngena emkhunjini, wena nabo bonke abendlu yakho, ngokuba ngibonile ukuthi nguwena kuphela olungile phambi kwami kulesi sizukulwane.


UNowa wazala amadodana amathathu: uShemu, uHamu, noJafethi.


USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Phuthuma wehle, ngokuba abantu bakho owabakhipha eGibhithe benze isono.


Ngiyazi ukuthi uma sengifile niyokona nokona, niphambuke endleleni enginiyale ngayo. Ngezinsuku ezizayo niyokwehlelwa ngububi, ngokuba niyokwenza okubi emehlweni kaSimakade, nimthukuthelise ngemisebenzi yezandla zenu.”


Kepha noma yinini lapho umehluleli efa, babebuyela emuva baziphathe kabi ngokwedlulele kunoyisemkhulu, ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, babakhothamele. Abayekanga namunye wemikhuba yabo, nezindlela zabo zenkani.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite