Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 50:17 - IsiZulu 2020

17 ‘Anotshela uJosefa ukuthi: ngiyakuncenga ukuba uxolele abafowenu isiphambeko sabo nesono sabo, ngokuba benza okubi kuwe.’ Manje siyakunxusa ukuba uxolele isiphambeko sezinceku zikaNkulunkulu kayihlo.” Kwathi ukuba lowo myalezo ufike kuJosefa, wakhala.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 ‘Niyakusho kuJosefa ukuthi: Ake uthethelele abafowenu isiphambeko sabo nesono sabo, ngokuba bakwenzela okubi.’ Manje siyakucela ukuthi: Ake uthethelele isiphambeko sezinceku zikaNkulunkulu kayihlo.” UJosefa wakhala, besakhuluma kuye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngakho anothi kuJosefa: Thethelela isiphambeko sabafowenu nesono sabo; ngoba bonile; usithethelele manje isiphambeko sezinceku zikaNkulunkulu kayihlo. UJosefa wakhala lapho bekhuluma kuye.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 50:17
24 Referans Kwoze  

Maniphathane ngobumnene, nizwelane, nithethelelane, njengoba noNkulunkulu wanithethelela kuKhristu.


Ofihla iziphambeko zakhe akayukuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.


Uma bekwakhela uzungu, beceba okubi ngawe, abayukuphumelela;


ngoNkulunkulu kayihlo ozokusiza, ngoSomandla ozokubusisa ngezibusiso zasezulwini phezulu, nezibusiso zasemajukujukwini omhlaba, nangezibusiso zamabele nezesibeletho.


Ngakho-ke akunina enangithuma lapha, kodwa nguNkulunkulu ongenze uyise kaFaro, nombusi ophethe endlini yakhe, naphezu kwezwe lonke iGibhithe.


Ngakho-ke vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuze niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla kakhulu.


Bonke abahamba ngale ndlela makube kubo ukuthula nesihawu, yebo, nakuye u-Israyeli kaNkulunkulu.


Ngakho-ke njengokuba sinethuba, masenze okuhle kubo bonke, ikakhulu kwabendlu yokukholwa.


Kwathi ukuba abalishumi bakuzwe lokho, base bebathukuthelela oJakobe noJohane.


“INkosi iyakuphendula, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nakwenza lokho kulaba bafowethu abancane, nakwenza kimi uqobo.’


“Kanjalo-ke noBaba osezulwini uyakwenza lokho kini, uma ningathetheleli ngezinhliziyo zenu kube yilowo nalowo umfowabo.”


Yilowo nalowo oyakuphuzisa abe munye kulaba abancinyane, ngisho inkezo eyodwa nje yamanzi aqandayo, ngokuba lowo engumfundi, ngiqinisile ngithi kini: kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.”


sithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanecala kithi;


Nakuba nangakhela uzungu nifuna ukungenzakalisa, kodwa uNkulunkulu wayehlose okuhle, ukuze namuhla kusindiswe izinkumbi zabantu.


Uma uNkulunkulu kababa ebengenami, uNkulunkulu ka-Abhrahama, noKwesaba kuka-Isaka, ngabe manje ungibuyisela emuva ngingenalutho. Kepha uNkulunkulu ukubonile ukuhlupheka nokuzikhandla kwami, wazibonakalisa kuwe ebusuku bayizolo, wakuthethisa.”


Base bethumela kuJosefa, bathi: “Uyihlo washiya umyalelo engakafi, wathi:


Abafowabo bafika kuye mathupha, bazilahla phansi phambi kwakhe, bathi: “Siyizinceku zakho.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite