Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 50:15 - IsiZulu 2020

15 Kuthe ukuba abafowabo bakaJosefa babone ukuthi uyise usefile, bathi: “Mhlawumbe uJosefa usasibambele igqubu, funa azame ukuziphindiselela kithi ngabo bonke ububi esabenza kuye.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Sebebonile abafowabo bakaJosefa ukuthi uyise ufile, bathi: “Mhlawumbe uJosefa uzakusizonda, asiphindisele nokusiphindisela konke okubi esakwenza kuyena.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Abafowabo bakaJosefa sebebonile ukuthi uyise ufile, bathi: “Mhlawumbe uJosefa uyakusizonda, aphindisele kithi ngakho konke okubi esikwenzile kuye.”

Gade chapit la Kopi




UGenesise 50:15
13 Referans Kwoze  

Izikhohlakali zibaleka noma kungekho ozixoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.


Besaba kakhulu, kube kungekho okwesabisayo. UNkulunkulu uwasakazile amathambo alowo okuvimbezelayo. Wena uzobathela ngehlazo, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.


Bazoba nokwesaba okukhulu, ngoba uNkulunkulu umi naso isizukulwane sabalungileyo.


“ ‘Abayosala phakathi kwenu, ngiyakubehlisela indumalo ezinhliziyweni zabo, besemazweni ezitha zabo. Bayakuxoshwa ngisho nangukuhashaza kweqabunga lipheshethwa ngumoya, babaleke njengomuntu ebalekela inkemba, bawe kungekho obaxoshayo.


bayabonakalisa ukuthi lokho okungumsebenzi womthetho kulotshiwe ezihliziyweni zabo, nonembeza wabo uyafakaza ngalokho, futhi nemicabango yabo iyakubamangalela noma ibavune,


Wabagquma bonke ejele izinsuku ezintathu.


Kwathi lapho kwedlula abahwebi bakwaMidiyani, bamkhipha uJosefa emgodini, bamthengisa kwabakwa-Ishmayeli ngezinhlamvu zesiliva ezingama-20, ababe sebemthatha bahamba, baya naye eGibhithe.


UJosefa wangcwaba uyise, qede wabuyela eGibhithe, nabafowabo, nabo bonke ababekhuphuke naye ukuyongcwaba uyise.


Base bethumela kuJosefa, bathi: “Uyihlo washiya umyalelo engakafi, wathi:


Bambona esekude engakasondeli eduze kwabo, base bemakhela ugobe lokumbulala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite