Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 50:11 - IsiZulu 2020

11 Abakhileyo eKhanani bezwa leso sililo eGoreni Hathadi, bathi: “Saze sasikhulu isililo sabantu baseGibhithe bo!” Ngakho-ke bayiqamba leyo ndawo engaphesheya komfula iJordani ngokuthi kuse-Abeli Mizirayimi, okusho ukuthi yiSililo sabaseGibhithe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Abakhileyo ezweni, amaKhanani, sebebone isililo eGoreni Hathadi bathi: “Lokhu kuyisililo esinzima sabaseGibithe.” Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi i-Abela Misirayimi* elingaphesheya kweJordani.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Abakhileyo kulelo zwe, amaKhanani, bebona ukulila ebaleni lika-Athadi, bathi: “Lokhu kuyisililo esikhulu samaGibithe; ngalokho igama laso laqanjwa ngokuthi i-Abela Mizirayimi engaphesheya kweJordani.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 50:11
10 Referans Kwoze  

U-Abhrahama wathi kuyo: “Uze ungalokothi ubuyisele indodana yami lapho.


namagundane egolide ayeyinani lemizi yonke yamaFilisti eyayibuswa ngamakhosi ayisihlanu, imizi eyizinqaba ebiyelwe nemizana engabiyelwe. Itshe elikhulu lapho kwabekwa khona umphongolo kaSimakade, lingubufakazi ensimini kaJoshuwa waseBhethi Shemeshi, kuze kube namuhla.


Lezi zindawo azingaphesheya yini kweJordani endleleni ebheke entshonalanga ezweni lamaKhanani ahlala e-Araba, maqondana neGiligali ngaseceleni kwemi-okhi eMore, na?


Khuphukela esicongweni iPhisiga, uphakamisele amehlo akho ngasentshonalanga, enyakatho, eningizimu, nangasempumalanga, uzibonele ngokwakho, ngokuba awuyukuliwela leli Jordani.


Ngiyacela, ngivumele ngiwele ukuze ngilibone izwe elihle elingaphesheya kweJordani, lelo lizwe elihle lezintaba kanye neLebhanoni.’


Kwathi lapho befika eGoreni Hathadi elingaphesheya komfula iJordani, kwasuka esinamathambo, bakhihla isililo, kwaba muncu. UJosefa wamlilela uyise izinsuku eziyisikhombisa.


UJakobe wayesethi kuSimeyoni noLevi: “Ningikhathazile, nangidonsela amanzi ngomsele kubantu bezwe, kumaKhanani namaPherizi; nina niyingcosana nje, bayakuhlangana basihlasele, bangichithe mina nendlu yami.”


Abelusi bemfuyo ka-Abhrama nabekaLothi base beqale ukuxabana. Ngaleso sikhathi amaKhanani namaPherizi ayehlala kulelo lizwe.


Amadodana ka-Israyeli enza konke ayeyalwe ngakho nguyise.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite