Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 50:10 - IsiZulu 2020

10 Kwathi lapho befika eGoreni Hathadi elingaphesheya komfula iJordani, kwasuka esinamathambo, bakhihla isililo, kwaba muncu. UJosefa wamlilela uyise izinsuku eziyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Baya, bafika eGoreni Hathadi elingaphesheya kweJordani; lapho bakhala nokukhala impela, okunzima kakhulu; wamenzela uyise isililo izinsuku eziyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Bafika esibuyeni sase-Athadi esingaphesheya kweJordani, bakhala khona ngesililo esikhulu nesinzima kakhulu; wamlilela uyise izinsuku eziyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 50:10
16 Referans Kwoze  

Amadoda akholwayo amngcwaba uStefani, amkhalela isililo esikhulu.


Bahlala naye emhlabathini izinsuku eziyisikhombisa nobusuku obuyisikhombisa, bengasho lutho kuye, ngokuba babona ukuthi wayesebuhlungwini obukhulu kakhulu.


UDavide wamlilela uSawule noJonathani, indodana yakhe, ngaleli culo.


Athatha amathambo abo awambela phansi komthamariske, eJabeshi. Azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.


Abantu bakwa-Israyeli bamlilela uMose besemathafeni kwaMowabi. Bamkhalela izinsuku ezingama-30, sase siphela isikhathi sokulilela uMose.


Lawa ngamazwi uMose awakhuluma kubo bonke abakwa-Israyeli phesheya kweJordani, ehlane i-Araba, maqondana neSufi, phakathi kwePharanu, iThofeli, iLabhani, iHazerothi, neDi Zahabhi.


“ ‘Othinta isidumbu sanoma yimuphi umuntu uyakuba ngongcolileyo izinsuku eziyisikhombisa.


Abakhileyo eKhanani bezwa leso sililo eGoreni Hathadi, bathi: “Saze sasikhulu isililo sabantu baseGibhithe bo!” Ngakho-ke bayiqamba leyo ndawo engaphesheya komfula iJordani ngokuthi kuse-Abeli Mizirayimi, okusho ukuthi yiSililo sabaseGibhithe.


Sezedlule izinsuku zokumlilela uJakobe, uJosefa wakhuluma kwabendlu kaFaro, wathi: “Uma ngifumene umusa emehlweni enu, nginxuseleni kuFaro, nithi:


U-Esawu wamzonda uJakobe ngenxa yesibusiso uyise ambusisa ngaso. Wazindla enhliziyweni yakhe wathi: “Izinsuku zokulilela ubaba zingafika noma yinini. Uma sezedlule ngizombulala umfowethu uJakobe.”


Kwaphela izinsuku ezingama-40, okuyizinsuku zokugqumisa. AbaseGibhithe bamlilela izinsuku ezingama-70.


Kwakhuphuka ngisho namabutho agibele izinqola zempi, nagibele amahhashi, kwaba yisixuku esikhulu kakhulu.


Inhlangano yonke yabona ukuthi u-Aroni ufile, yamlilela izinsuku ezingama-30, yonke indlu yakwa-Israyeli.


Umka-Uriya wezwa ukuthi u-Uriya indoda yakhe ufile. Wamlilela umyeni wakhe.


nalapho abantu besaba okuphakemeyo, isihlahla somAlimondi siyoqhakaza, intethe itotobe, izihlahla zekaphari zingatheli, ngokuba umuntu useya ekhaya lakhe laphakade, abalilayo bayazulazula emigwaqweni,


asuka wonke amadoda anamandla ayothatha isidumbu sikaSawule nezamadodana akhe, aziletha eJabheshi. Amathambo abo awambela phansi kwe-okhi eJabheshi, azila ukudla izinsuku eziyikhombisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite