Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 49:6 - IsiZulu 2020

6 Umphefumulo wami mawungangeni emkhandlwini wabo, ungazibandakanyi nomgwamanda wabo, ngoba ekuthukutheleni kwabo babulala abantu, bagenca izinkabi imisipha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ungangeni emkhandlwini wabo, mphefumulo wami; ungahlangani nebandla labo, nhliziyo yami, ngokuba ngolaka lwabo babulala abantu; ngobudlova babo basika izinkabi umsipha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 O mphefumulo wami, ungangeni ekusithekeni kwabo; Ungahlangani nomhlangano wabo, mhlonishwa wami, ngokuba ngokuthukuthela kwabo babulele umuntu, nangokwabo badiliza ugange.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 49:6
29 Referans Kwoze  

UJakobe wayesethi kuSimeyoni noLevi: “Ningikhathazile, nangidonsela amanzi ngomsele kubantu bezwe, kumaKhanani namaPherizi; nina niyingcosana nje, bayakuhlangana basihlasele, bangichithe mina nendlu yami.”


Ungangilahli kanye nezoni, nomphefumulo wami kanye nabantu abalambele igazi,


Ngakho-ke inhliziyo yami iyathokoza, nomphefumulo wami uyethaba, ngisho nomzimba wami uyohlala ulondekile.


Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba ukulunga kunakuhlanganyela kuni nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na?


Bese ngithi emphefumulweni wami: “Mphefumulo, usunezimpahla eziningi ezilondolozelwe wena iminyaka eminingi. Ngakho-ke phumula, udle, uphuze, futhi ujabule.”’


Angihlalanga emhlanganweni wabahlekayo, futhi angizange ngithokoze; ngahlala ngedwa ngenxa yobunzima besandla sakho, ngokuba ungigcwalise ngentukuthelo.


O, buhlungu bami, buhlungu bami, inhliziyo yami iyaqaqamba; iyabubula inhliziyo yami, anginakuthula, ngokuba umphefumulo wami uwuzwile umsindo wecilongo, kuhlatshwa umkhosi wempi.


Ngifihle kuyo inguyazana yababi, nasesixukwini sabenza okubi,


Vuka mphefumulo wami, vukani lugubhu nehabhu! Ngizovusa intathakusa.


Amacebo abalungileyo angubulungiswa, kepha izeluleko zababi ziyinkohliso.


uma zithi kuwe: “Woza, hamba nathi ukuze sibalalele unyendle, ngaphandle kwesizathu, sichithe igazi labangenacala!


Sengathi ungazibulala izikhohlakali, Nkulunkulu, ngalokho-ke sukani kimi, nina bachithi begazi.


Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, konke okungaphakathi kimi makulibonge igama lakhe elingcwele.


Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kwami na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa uMsindisi wami, noNkulunkulu wami.


Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kwami na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa ngokusindisa kobukhona bakhe.


Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kimi na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa ngokusindisa kobukhona bakhe.


ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungaphezi. Simakade, Nkulunkulu wami, ngizokubonga kuze kube phakade.


Ungangilahli kanye nezoni nabenzi bokubi, abathi becebela omakhelwane babo ububi ngezinhliziyo, babe bekhuluma kahle ngemilomo yabo.


Balahle ngecala, Nkulunkulu. Mabawe ngenxa yamacebo abo, badingise ngenxa yobuningi beziphambeko zabo, ngokuba bayamelana nawe.


Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeseluleko sababi, ongemi endleleni yezoni, ongabi mdibi munye nabaklolodayo,


Umfudlana iKhishoni wabakhukhula, umfudlana odla izindwani, umfudlana iKhishoni. Nyathela, mphefumulo wami, nyathela ngamandla.


“ ‘Makaqalekiswe obulalela umakhelwane wakhe esithe.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’


UJoshuwa wenza kubo njengalokhu uSimakade ayemyalile: wanquma amahhashi abo imisipha, washisa nezinqola zabo ngomlilo.


UDavide wathumba abamahhashi abayi-1 700, nemigundatshani eyizi-20 000; uDavide wanquma imisipha yawo wonke amahhashi ayedonsa izinqola, washiya kuphela ayikhulu.


UDavide wathatha kuye izinqola eziyinkulungwane, abamahhashi abayizi-7 000 nemigundatshani eyizi-20 000. UDavide wanquma imisipha yamahhashi ayedonsa izinqola, washiya kuphela awezinqola eziyikhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite