Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 49:29 - IsiZulu 2020

29 UJakobe wabayala, wathi: “Sengizokufa ngingcwatshwe nobabamkhulu. Ngimbeleni nokhokho bami emgedeni osensimini ka-Efroni, umHithi,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Wabayala, wathi kubo: “Mina sengiyakubuthelwa kubantu bami; ngimbeleni kobaba emhumeni osensimini ka-Efroni umHeti,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Futhi wabayala wathi kubo: Kufanele ngibuthelwe kubantu bami; ngimbeleni kobaba emhumeni osensimini ka-Efroni umHeti;

Gade chapit la Kopi




UGenesise 49:29
16 Referans Kwoze  

Amadodana akhe amthatha uyise amyisa eKhanani, amngcwaba emgedeni osensimini eMakhaphela, u-Abhrahama ayewuthenge nensimu ku-Efroni umHithi, ukuze ube yindawo yokungcwaba, eduze naseMamre.


lapho sengilele kobaba, ubongithwala, ungikhiphe eGibhithe uyongingcwaba ethuneni lobaba.” UJosefa wathi: “Ngizokwenza njengoba ushilo.”


Nokho wena uyokufa ngokuthula, amathambo akho ayobekwa nawawoyihlomkhulu, ungcwatshwe usumdala.


nasebandleni lamazibulo abhaliwe ezulwini, nakuNkulunkulu, uMehluleli wabo bonke, nakuyo imimoya yabalungileyo abaphelelisiweyo,


Ivumele inceku yakho iphindele emuva ukuze ifele emzini wayo, eduze kwethuna likayise nelikanina. Kepha bheka, nansi inceku yakho, uKhimihamu, mayiwele nenkosi yami, inkosi, uyenzele okuhle emehlweni akho.”


U-Isaka wafa, wangcwatshwa noyisemkhulu, esekhulile impela, amadodana akhe o-Esawu noJakobe bamngcwaba.


U-Abhrahama wavumelana no-Efroni, wayesembalela inani ayelibalulile phambi kwamaHithi, ngesisindo salo amashekeli ezinhlamvu zesiliva ezingama-400 ngokwezilinganiso ezazisetshenziswa ngabahwebi baleso sikhathi.


Ngakho-ke insimu ka-Efroni eseMakhaphela, eyayisempumalanga neMamre, insimu nomgede owawukuyo, nezihlahla zonke ezazingaphakathi komngcele wayo.


Bonke laba yizizwana ezili-12 zakwa-Israyeli. Yilokho uyise akukhuluma ngesikhathi ebabusisa, ebusisa yilowo nalowo ngesibusiso esimfaneleyo.


Lapho uJakobe eseqedile ukukhuluma namadodana akhe, wagoqa izinyawo wazikhweza embhedeni, waphuma umphefumulo, wangcwatshwa nabakubo.


ukuba anginike umgede wakhe waseMakhaphela, osemngceleni wensimu yakhe. Makanginike le ndawo phambi kwenu, bese ngimkhokhela intengo yayo ephelele, ukuze ibe ngeyami yokungcwaba.”


Insimu nomgede u-Abhrahama akunikwa ngamaHithi kwaguquka kwaba yindawo yakhe yokungcwaba.


UJakobe wafika kuyise u-Isaka eMamre, iKhiriyathi Arbha, okuyiHebhroni, lapho u-Abhrahama no-Isaka babekade begogobele khona.


Amadodana ka-Israyeli enza konke ayeyalwe ngakho nguyise.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite