UGenesise 49:28 - IsiZulu 202028 Bonke laba yizizwana ezili-12 zakwa-Israyeli. Yilokho uyise akukhuluma ngesikhathi ebabusisa, ebusisa yilowo nalowo ngesibusiso esimfaneleyo. Gade chapit laIBHAYIBHELI ELINGCWELE28 Bonke labo bayizizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli; yilokhu uyise akukhuluma kubo, wababusisa; wababusisa, kwaba yilowo ngokwesibusiso sakhe. Gade chapit laContemporary Zulu Bible 202428 Bonke laba bayizizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli; futhi yilokhu uyise akukhuluma kubo wababusisa; wababusisa kwaba yilowo nalowo ngokwesibusiso sakhe. Gade chapit la |
Ngaleso sikhathi kwase kubizwa ababhali benkosi. Kwakuwusuku lwama-23, ngenyanga yesithathu ebizwa ngokuthi uShivani. Bayalwa ukuba babhale noma yini uMoridekhayi abayala ukuba bayibhalele abaJuda ababesembusweni ka-Ahasheveroshi, neziphathimandla, nababusi, nezikhulu ezazikuzo zonke izifundazwe eziyi-127, kusuka eNdiya kuya eKhushe. Izincwadi bazibhala ngolimi lwaleso naleso sizwe, ngokwehlukana kwazo, nangokubhala kwazo, nakubaJuda, ngokubhala kwabo nangolimi lwabo.