Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 49:27 - IsiZulu 2020

27 “UBhenjamini uyimpisi entwengulayo; ekuseni udla akubambileyo, kusihlwa ahlukanise akuphangileyo.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 “UBenjamini uyimpisi ehomfuzayo; ekuseni uyadla impango, kusihlwa uyahlukanisa akuphangileyo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 UBenjamini uklebhula njengempisi; ekuseni uyakushwabadela impango, ebusuku ahlukanise impango.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 49:27
25 Referans Kwoze  

Izikhulu zawo ezikuwo, zinjengezimpisi ezidwengula impango ukuba zichithe igazi, zibaqede nya abantu, ukuze zithole inzuzo embi.


AbakwaBhenjamini baphuma eGibheya ukuyolwa nabakwa-Israyeli ngosuku lwesibili, babulala abayizi-18 000 zamadoda akwa-Israyeli ayehlome ngenkemba.


AbakwaBhenjamini baphuma eGibheya, babulala ngalolo lusuku abakwa-Israyeli abayizi-22 000.


Amadodana kaBhenjamini: kwakunguBhela, uBhekheri, u-Ashibheli, uGera, uNahamani, u-Ehi, uRoshi, uMuphimu, uHuphimu, no-Aridi.


Eseyalela sekuphuma umphefumulo, wayiqamba igama wathi nguBhenoni, kodwa uyise wathi nguBhenjamini.


Ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili, ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwana sakwaBhenjamini, umHebheru wamaHebheru, ngokomthetho ngingumFarisi.


Ngiyazi ukuthi kuzofika izimpisi ezinonya emuva kokuba sengihambile, ezingenakuwuhawukela umhlambi,


USawula esabhodla umlilo, esongela ukubulala abafundi beNkosi, waya kumphristi omkhulu,


Kodwa uSawula walichitha ibandla, engena izindlu ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane; ebafaka ejele.


“Bhekani lapha, ngiyanithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi, ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.


“Xwayani abaphrofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.


Izikhulu zawo zingamabhubesi abhodlayo, abehluleli bakhona bangamankentshane asebusuku, abashiyi lutho okwangomuso.


“Kukhona uzungu lwabaphrofethi bawo abakuwo, olunjengengonyama ebhongayo edwengula impango. Badle abantu, bathatha ingcebo nokuyigugu, benza baba baningi abafokazi abakuwo.


Ngakho-ke ingonyama yehlathi izobahlasela, impisi yasehlane ibabhubhise, ingwe icuthele imizi yabo; bonke abaphuma kuyo ibadweshule, ngokuba iziphambeko zabo ziningi, nokuhlubuka kwabo kukhulu.


“NgoBhenjamini wathi: ‘Othandiweyo kaSimakade uyakuhlala elondwa nguye; uyamsibekela usuku lonke, ahlale phakathi kwamahlombe akhe.’


Laba bantu banjengengonyama; baziphakamisisa okwengonyama engaphumuli ingakayisobozeli inyamazane, iphuze igazi layo.”


Izibusiso zikayihlo ziqinile kunezibusiso zokhokho bami, zifinyelela ezintabeni zaphakade. Sengathi lezi zibusiso, zingehlela ekhanda likaJosefa, nasebunzini lakhe owehlukaniswa kubafowabo.


Bonke laba yizizwana ezili-12 zakwa-Israyeli. Yilokho uyise akukhuluma ngesikhathi ebabusisa, ebusisa yilowo nalowo ngesibusiso esimfaneleyo.


Abozalo lukaBhenjamini, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:


Esizwaneni sakwaBhenjamini: ngu-Elidadi, indodana kaKhisiloni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite