Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 48:7 - IsiZulu 2020

7 Lapho ngisesendleleni ngivela ePhadani Aramu, uRaheli wafela eKhanani kuselibangana ukufinyelela e-Efratha, ngase ngimngcwaba khona lapho eceleni kwendlela eya e-Efratha,” (eliyiBhethlehema).

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kepha mina ekusukeni kwami ePhadani Aramu ngafelwa nguRaheli endleleni ezweni laseKhanani, kuse yibangana ukuya e-Efrati; ngammbela khona endleleni eya e-Efrati” (eliyiBetlehema).

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Mina-ke, ekuphumeni kwami ePhadani, uRaheli wafa nami ezweni laseKhanani endleleni, kusekude ukuba ngifike e-Efrati; ngammbela lapho endleleni yase-Efrati; okuyiBetlehema.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 48:7
13 Referans Kwoze  

“Kwezwakala izwi eRama, ukukhala nokulila okukhulu, uRaheli ekhalela abantwana bakhe, engavumi ukududuzwa, ngokuba bengasekho.”


UNkulunkulu wabonakala futhi kuJakobe ngesikhathi ebuya ePhadani Aramu, wambusisa,


“Kepha wena Bhethlehema Efratha, nakuba ungomncinyane emindenini yakwaJuda, ngiyakuvusa oyakuvela kuwe, uyakuba ngumbusi kwa-Israyeli, ondabuko yakhe ngeyasemandulo, ezinsukwini zaphakade.”


UDavide wayeyindodana yomEfrathi waseBhethlehema Juda, ogama lakhe kunguJese. UJese wayenamadodana ayisishiyagalombili; wayesengumuntu omdala ngesikhathi sikaSawule.


Uma ususukile lapha kimi namuhla, uzohlangana nabantu ababili ngasethuneni likaRaheli, emngceleni wakwaBhenjamini eZeliza. Bayakuthi kuwe: ‘Izimbongolo owawuphume ukuyozifuna sezitholakele. Manje uyihlo akasakhathazekile ngezimbongolo, usekhathazeke ngani, uthi: “Ngiyakwenzenjani ngomntanami, na?” ’


Kwakukhona umuntu othile eRamathayimi Zofimu kwelezintaba kwa-Efrayimi, igama lakhe kungu-Elikhana, indodana kaJerohamu ka-Elihu kaTholu kaZufi, wakwa-Efrayimi.


Igama laleyo ndoda kwakungu-Elimelekhi, umkayo kunguNawomi, amadodana ayo amabili kunguMahaloni noKhiliyoni; babengama-Efratha aseBhethlehema kwaJuda. Bafika kwaMowabi bahlala khona.


U-Isaka wayeseneminyaka engama-40 ngesikhathi eganwa nguRibheka indodakazi kaBhethuweli umAramu wasePhadani Aramu; wayengudadewabo kaLabani umAramu.


UJakobe wafika ephephile emzini iShekhemu owawuseKhanani, evela ePhadani Aramu, wagoba amadlangala phambi komuzi.


UJakobe wamisa insika phezu kwethuna likaRaheli, lelo thuna liselapho kuze kube namuhla.


Uma uthola amanye amadodana emva kwalawa, ayakuba ngawakho, kodwa ayakulotshwa phansi kohla lwabafowabo, ngokuba ifa lawo ayolithola kubo.


USamuweli wenza lokho akutshelwa nguSimakade, waya eBhethlehema. Amalunga omuzi amhlangabeza ethuthumela, athi: “Ngabe uze ngokuthula na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite