Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 48:4 - IsiZulu 2020

4 wathi kimi: ‘Ngizoyandisa inzalo yakho ibe yizinkumbi, ngikwenze izizwe eziningi, leli lizwe ngizolinika izizukulwane zakho libe yifa lazo laphakade.’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 wathi kimi: ‘Bheka, ngizakukuchumisa, ngikwandise, ngikwenze izizwe eziningi, ngiyiphe inzalo yakho leli zwe emva kwakho libe yifa elingunaphakade.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Futhi yathi kimi: Bheka, ngizokwenza uzale futhi ngikwandise, futhi ngizokwenza ube uquqaba lwezizwe; leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho emva kwakho libe yifa kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 48:4
20 Referans Kwoze  

Ngikunika lonke iKhanani ongumfokazi kulo njengamanje, libe yifa lakho laphakade nelezizukulwane zakho, ngibe nguNkulunkulu wazo.”


UNkulunkulu wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla. Zala wande, ube yisizwe esikhulu. Kuwe kuyovela izizwe eziningi. Nasokhalo lwakho kuyovela amakhosi.


OPhezukonke lapho abela izizwe ifa lazo, lapho ehlukanisela abantwana babantu, wamisa imingcele yezizwe ngokwenani labantu bakwa-Israyeli.


Abantu bakwa-Israyeli bazalana, banda, bachuma, baba namandla amakhulu; izwe lagcwala bona.


Abakwa-Israyeli bahlala eGibhithe eGosheni, baba nempahla eningi, bazalana, banda kakhulu.


UNkulunkulu wathi: “NginguNkulunkulu, uNkulunkulu kayihlo; ungesabi ukwehlela eGibhithe, ngizokwenza ube yisizwe esikhulu lapho.


Wena luqobo uthe: ‘Ngizokwenzela okuhle, ngandise izizukulwane zakho zibe njengezihlabathi zolwandle ezingenakubalwa.’ ”


Sengathi uNkulunkulu uSomandla angakubusisa, akwandise kakhulu, ukuze kuvele kuwe izizwe eziningi.


Ngiyakusandisa isizukulwane sakho sibe siningi ngangezinkanyezi esibhakabhakeni, ngisinike wonke lawa mazwe, nezizwe zonke zomhlaba ziyobusiswa ngenxa yesizukulwane sakho,


ngizokubusisa impela, ngiyokwenza izizukulwane zakho zibe ziningi njengezinkanyezi esibhakabhakeni, nanjengesihlabathi ogwini lolwandle. Izizukulwane zakho ziyakunqoba izitha zazo, zidle nemizi yazo,


noma ngabe bazalelwe kwakho, noma bathengwe ngemali; mabasokwe. Lolu phawu alushaywe emizimbeni yenu lube yisivumelwano sami saphakade.


Ngizokwenza ube yisizwe esikhulu, ngikubusise, ngikunike udumo, wena ube yisibusiso.


AbaseGibhithe baqoka abaphathi bezigqila ukuze babagqilaze abantu bakwa-Israyeli ngokubaphoqa ukwenza umsebenzi onzima, bamakhele uFaro imizi yokugcina izinto ePhithomi naseRamesesi.


“ ‘Ngiyonenzela umusa, nginenze nichume kakhulu, nginandise, ngiqinise isivumelwano sami nani.


Bheka, abantwana bayifa elivela kuSimakade, isithelo sesibeletho singumklomelo.


Ngizokwandisa kakhulu, kuvele kuwe izizwe eziningi ngisho namakhosi imbala.


Bayakuhlala ezweni engilinike inceku yami, uJakobe, ababehlala kulo okhokho bakho; bayakuhlala kulo, bona nabantwana babo, nezizukulwane zabo kuze kube phakade. UDavide inceku yami uyakuba yinkosi yabo kuze kube phakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite