Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 48:19 - IsiZulu 2020

19 UJakobe akavumanga, kodwa wathi: “Ngiyazi, ndodana yami, ngiyazi; naye uzokuba yisizwe, abe mkhulu. Nokho umnawakhe u-Efrayimi uzokuba mkhulu kunaye, izizukulwane zakhe zibe yizizwe eziningi.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kepha uyise wala, wathi: “Ngiyazi, ndodana yami, ngiyazi; naye uyakuba yisizwe, abe mkhulu naye; kodwa umfowabo uyakuba mkhulu kunaye, inzalo yakhe ibe yizizwe eziningi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Uyise wala wathi: “Ngiyazi, ndodana yami, ngiyazi lokhu; kodwa ngempela, umfowabo omncane uyakuba mkhulu kunaye, nenzalo yakhe iyoba uquqaba lwezizwe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 48:19
17 Referans Kwoze  

Izibulo lenkunzi yakhe, udumo lwakhe, nezimpondo zenyathi ziyizimpondo zakhe; ngazo uyakuqhubukusha izizwe zonke ekugcineni komhlaba; zinjalo izigidi zakwa-Efrayimi, zinjalo izinkulungwane zakwaManase.’


U-Isaka wayemthanda kakhulu u-Esawu, ngokuba wayeyithanda inyama yenyamazane, kanti uJakobe wayethandwa kakhulu ngunina uRibheka.


esizwaneni sakwaZabuloni beyizi-12 000, esizwaneni sakwaJosefa beyizi-12 000, esizwaneni sakwaBhenjamini beyizi-12 000.


esizwaneni sakwa-Asheri beyizi-12 000, esizwaneni sakwaNafethali beyizi-12 000, esizwaneni sakwaManase beyizi-12 000,


“ ‘AbasePheresiya abaseLude nabasePhuthi babesempini yakho, bengamabutho empi yakho. Baphanyeka kuwe izihlangu nezigqoko zempi; bakuhlobisa waba muhle.


USimakade uzokwehlisela phezu kwakho, nabantu bakho, naphezu kwendlu kayihlo izinsuku ezingakaze zibonwe kusukela ngosuku u-Efrayimi aqembuka ngalo kwaJuda, inkosi yase-Asiriya iyoba nawe shaqa.”


USimakade uNkulunkulu wenu usenandisile, kangangokuthi namuhla senilukhumbintethe, ningangezinkanyezi emkhathini.


Kepha u-Israyeli welula isandla sakhe sokunene wasibeka ekhanda lika-Efrayimi, owayengomncane, wabeka isandla sokhohlo ekhanda likaManase, ephambanisa izandla zakhe ukuze asibeke kuManase owayeyizibulo.


“Mina ngiyazibophezela kulesi sivumelwano engisenza nawe: uyakuba nguyise wezizwe eziningi.


Izizukulwane zakho ziyoba ngangothuli lomhlaba, uyosabalalela entshonalanga nasempumalanga, enyakatho naseningizimu; izizwe zonke zomhlaba ziyobusiswa ngawe nangezizukulwane zakho.


UNkulunkulu wathi: “NginguNkulunkulu, uNkulunkulu kayihlo; ungesabi ukwehlela eGibhithe, ngizokwenza ube yisizwe esikhulu lapho.


UJosefa wathi kuyise: “Hhayi kanjalo baba, ngokuba lona nguye oyizibulo, beka isandla sakho sokunene ekhanda lakhe.”


USimakade wathi kuye: “Esibelethweni sakho kukhona izizwe ezimbili; izinhlobo ezimbili zabantu ozozizala. Ziyakwehlukana ezibilini zakho; esinye isizwe siyakwehlula esinye, omkhulu akhonze omncane.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite