Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 48:16 - IsiZulu 2020

16 Ingelosi engihlenge ezingozini zonke, makabusise laba bafana, ukuze ngabo igama lami nelokhokho bami o-Abhrahama no-Isaka lichume njalo. Sengathi banganda babe baningi emhlabeni.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 ingelosi engisindise ebubini bonke mayibusise abafana; mababizwe ngegama lami nangegama lawobaba o-Abrahama no-Isaka; mabande, babe baningi phakathi kwezwe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ingelosi eyangikhulula ebubini bonke ibusisa abafana; igama lami malibizwe phezu kwabo negama lawobaba o-Abrahama no-Isaka; futhi mabakhule babe yisixuku phakathi komhlaba.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 48:16
46 Referans Kwoze  

USimakade uyakukhulula ukuphila kwezinceku zakhe, akekho ophephela kuye oyojeza.


“UJosefa ungumuthi othelayo, ongasesiphethwini, omagatsha awo akhwela odongeni.


“Ngakho-ke lawa madodana akho amabili azalelwe lapha eGibhithe ngingakafiki, asengawami manje. U-Efrayimi noManase bangabami, njengoba kunjalo kuRubeni noSimeyoni.


INkosi iyakungihlenga kuyo yonke imisebenzi emibi, ingivikele, ngize ngifinyelele embusweni wayo ezulwini: makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade.


UJoshuwa wathi kubo abendlu kaJosefa nabaka-Efrayimi noManase: “Uyisizwe esikhulu impela, futhi unamandla amakhulu, awuyukunikwa isabelo esisodwa,


Ngokukholwa, uJakobe esezokufa wabusisa yileyo naleyo yamadodana kaJosefa, wakhuleka eyeme esihlokweni sodondolo lwakhe.


ukuze abaseleyo babantu nabezizwe bonke bayifune iNkosi, elibizwe phezu kwabo igama lami,’ kusho iNkosi ekwenzayo lokhu,


Angiceli ukuba ubasuse emhlabeni, kodwa ukuba ubavikele komubi.


kuzo zonke izinhlupheko zabo. Ingelosi yobukhona bakhe yabasindisa. Wabahlenga ngenxa yothando lwakhe, nesihawu sakhe; wabetshatha, wabathwala zonke izinsuku zasemandulo.


USimakade uzokuvikela kukho konke okubi, awugcine umphefumulo wakho.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, azihlambululele isizwe esingesakhe, esinokushisekela imisebenzi emihle.


Masingamlingi uKhristu njengokuba abanye babo bamlinga, babhujiswa yizinyoka.


ukuze badle ifa lensali yakwa-Edomi, nakho konke okwezizwe ezazibizwa ngeGama lami,” kusho uSimakade ozakukwenza lokhu.


baphuza okufanayo komoya, ngokuba baphuza edwaleni lomoya elabalandelayo, lelo dwala lalinguKhristu.


Akusikho nje lokho kuphela, kodwa nathi uqobo lwethu esinolibo lokuqala lukaMoya, siyabubula phakathi kwethu; silindele ngethemba elikhulu isimo sobuntwana, ukukhululwa komzimba wethu.


ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’


“Niyabona-ke, sengizakuthumela isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunayo iyakufika ethempelini layo ngokuphazima kweso; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso, bhekani, siyeza,” kusho uSimakade Wamabandla.


Kungani ufana nomuntu omangele, nanjengeqhawe elingenakusindisa na? Wena Simakade, uphakathi kwethu; sibizwa ngegama lakho, ungasishiyi.


UMhlengi wethu igama lakhe nguSimakade Wamabandla oNgcwele ka-Israyeli.


Ingelosi kaSimakade ikanisa nxazonke kulabo abamesabayo, ibakhulule.


Umphefumulo wami uyozincoma ngoSimakade, abathobekileyo mabezwe, bajabule.


bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi, ngiyakuzwa ngisezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.


Izibulo lenkunzi yakhe, udumo lwakhe, nezimpondo zenyathi ziyizimpondo zakhe; ngazo uyakuqhubukusha izizwe zonke ekugcineni komhlaba; zinjalo izigidi zakwa-Efrayimi, zinjalo izinkulungwane zakwaManase.’


Bonke abantu bomhlaba bayakubona ukuthi ubizwe ngegama likaSimakade, bakwesabe.


sebebonke ababalwayo babeyizi-603 550.


Abantu bakwa-Israyeli bazalana, banda, bachuma, baba namandla amakhulu; izwe lagcwala bona.


Yayisithi kuye: “Awusezukubizwa ngokuthi unguJakobe, usuzobizwa ngokuthi ungu-Israyeli, ngokuba ulwe noNkulunkulu nabantu, wanqoba.”


Kusenjalo, ingelosi kaSimakade yamemeza isezulwini, yathi: “Abhrahama, Abhrahama!” Wathi: “Ngilapha.”


Ingelosi kaSimakade yaphinda yambiza u-Abhrahama ngokwesibili isezulwini, yathi:


UNkulunkulu wathi: “NginguNkulunkulu, uNkulunkulu kayihlo; ungesabi ukwehlela eGibhithe, ngizokwenza ube yisizwe esikhulu lapho.


UDavide wabaphendula oRekhabhi noBhahana, umfowabo, amadodana kaRimoni waseBherothi, wathi kubo: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade owuhlengile umphefumulo wami kulo lonke usizi.


“Ngiyakukukhulula esandleni sababi, ngikuhlenge esandleni sabanonya.”


Inkosi yafunga yathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade ohlenge umphefumulo wami kukho konke ukuhlupheka kwami,


Yizwani, nibone ukuthi uSimakade muhle; babusisiwe labo abaphephela kuye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite