Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 48:10 - IsiZulu 2020

10 Amehlo ka-Israyeli ayesenqundekile ngenxa yobudala, engasaboni kahle. Ngakho-ke uJosefa wawasondeza, wayeseyawanga, wawagona.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Kepha amehlo ka-Israyeli ayefiphele ngobudala, engasenakubona; wawasondeza kuye; wawanga, wawagona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Amehlo ka-Israyeli ayefiphele ngenxa yokuguga, engasaboni. Waziletha kuye; wasebanga, wawagona.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 48:10
13 Referans Kwoze  

Kuthe lapho esondela kuye emanga, u-Isaka wahogela iphunga ezingutsheni zakhe, wayesembusisa. Wathi: “Iphunga lendodana yami lifana nephunga lensimu ebusiswe nguSimakade.


Kwathi lapho u-Isaka esegugile, namehlo akhe esefiphele, engasaboni kahle, wabiza indodana yakhe endala, wathi: “Ndodana yami!” Yathi kuye: “Ngilapha.”


Isandla sikaSimakade asifinyeziwe ukuba sisindise, nendlebe yakhe ayibuthuntu ukuba izwe.


Yenza inhliziyo yalaba bantu ibe lukhuni, izindlebe zabo zibe buthuntu; ufiphaze amehlo abo, funa babone ngamehlo abo, bezwe ngezindlebe zabo, baqonde ngenhliziyo yabo, babuye, baphiliswe.”


U-Elisha wazishiya izinkabi, wagijima elandela u-Eliya, wathi: “Ake ngange ubaba nomame, bese ngikulandela.” Wathi kuye: “Hamba, ubuyele emuva, ngokuba ngenzeni kuwe na?”


U-Eli wayeseneminyaka engama-98, amehlo akhe esenqundekile, engasaboni kahle.


Kwathi ngolunye usuku u-Eli elele endaweni yakhe namehlo akhe eseqala ukufiphala engasaboni kahle,


Wabanga bonke abafowabo ngamunye, ekhala. Emveni kwalokho abafowabo baxoxa naye.


ULabani wavuka ekuseni, wanga abazukulu bakhe namadodakazi akhe, wababusisa, wayesehamba ebuyela emzini wakhe.


U-Israyeli ebona amadodana kaJosefa, wabuza wathi: “Ngobani laba na?”


U-Israyeli wathi kuJosefa: “Ngangingasalindele ukuthi ngiyophinde ngibubone ubuso bakho. Manje bheka, uNkulunkulu ungivumele ukuba ngibone ngisho nabantwana bakho imbala.”


UMose wafa eseneminyaka eyi-120, kodwa iso lakhe lalingakafiphali namandla akhe engakanciphi.


Ngosuku lapho abalindi bendlu beyothuthumela, namadoda anamandla athothobale, nabasilayo beyoyeka ukugaya, ngoba sebeyingcosana, nabalunguza ngamafasitela bangabe besalunguza,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite