Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 47:9 - IsiZulu 2020

9 UJakobe waphendula wathi: “Izinsuku zokugogobala kwami emhlabeni seziyiminyaka eyi-130, zimfishane, kanti bezigcwele ubunzima. Kaziqhathaniseki nokho neminyaka eyaphilwa ngokhokho bami ngesikhathi eside sokugogobala kwabo.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UJakobe wathi kuFaro: “Izinsuku zeminyaka yokugogobala kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu; ziyingcosana, zimbi izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami, azifinyelelanga ezinsukwini zeminyaka yokuhamba kwawobaba emihleni yokugogobala kwabo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UJakobe wathi kuFaro: “Izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu; oyise ezinsukwini zokuhambela kwabo.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 47:9
29 Referans Kwoze  

“Simakade, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe ekunxuseni kwami, izinyembezi zami mazingakuniki ukuthula. Ngokuba kuwe ngingumfokazi, isihambi, njengokhokho bami.


Iminyaka yokuphila ka-Isaka yaba yi-180 isiyonke.


Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla, imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe, impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela


“Umuntu ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele inkathazo.


Kwathi emveni kwazo zonke lezo zinto uJoshuwa, indodana kaNuni, inceku kaSimakade, wafa eseneminyaka eyi-110.


UMose wafa eseneminyaka eyi-120, kodwa iso lakhe lalingakafiphali namandla akhe engakanciphi.


UMose wayeseneminyaka engama-80, u-Aroni eneminyaka engama-83 ngesikhathi beyokhuluma noFaro.


Ngenza isivumelwano nabo sokubanika iKhanani, izwe ababehlala kulo njengabafokazi.


UJosefa wafa eseqede iminyaka eyi-110, abantu bamgqumisa ngemithi, wayesefakwa ebhokisini lomngcwabo eGibhithe.


Bathandekayo, ngiyanincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo.


Kepha anilazi ikusasa ukuthi liniphatheleni nokuthi impilo yenu iyakuba yini na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana bese iyanyamalala.


Izimiso zakho zaba yizihlabelelo kimi, endlini yokugogobala kwami.


Ngingumfokazi emhlabeni, ungangifihleli imiyalo yakho.


UJakobe wahlala eGibhithe iminyaka eyi-17. Izinsuku zikaJakobe neminyaka yokuphila kwakhe emhlabeni kwaba yi-147.


Esemzele u-Arifaksadi, waphila iminyaka engama-500: wayezele namanye amadodana namadodakazi.


Asinawo lapha umuzi omiyo, kodwa sifuna umuzi ozayo.


Ngokuba singabafokazi phambi kwakho, nezihambi njengabo bonke okhokho bethu; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, nethemba alikho.


Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguMethusela yaba ngama-969, wayesefa.


Ngakho-ke sihlala sinesibindi, sazi ukuthi nxa ikhaya lethu lisesemzimbeni, sehlukene nekhaya eliseNkosini,


UFaro wathi kuJakobe: “Mingaki iminyaka yakho na?”


Yeka ukungigqolozela, ukuze ngibuye ngimamatheke, ngaphambi kokuba ngemuke, ngingabe ngisaba khona.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite