Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 47:6 - IsiZulu 2020

6 iGibhithe lisezandleni zakho. Uyihlo nabafowenu bahlalise endaweni enhle ezweni, mabahlale eGosheni. Uma kukhona phakathi kwabo abanekhono lokwelusa, ubabeke babe ngabaphathi bemfuyo yami.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 izwe laseGibithe lisebusweni bakho; mhlalise uyihlo nabafowenu ezweni elihle kunalo lonke, ubahlalise ezweni laseGosheni; uma uwazi phakathi kwabo amadoda anamandla, wabeke abe yizinduna zezinkomo zami.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Izwe laseGibhithe liphambi kwakho; endaweni enhle kakhulu yezwe kahlale uyihlo nabafowenu; mabahlale ezweni laseGosheni; uma wazi okuthile phakathi kwabo, ubamise babe ngababusi phezu kwezinkomo zami.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 47:6
24 Referans Kwoze  

Zifunele phakathi kwabo amadoda ahloniphekile, amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekile, akuzondayo ukuthola inzuzo ngokungalungile, uwabeke abe yizinduna zezinkulungwane, zamakhulu, zama-50, nezeshumi.


UJosefa wabahlalisa uyise nabafowabo, wabanika indawo eGibhithe, indawo enhle kakhulu eRamesesi njengoba uFaro ayebayalile.


Uyambona umuntu onekhono, uyosebenzela amakhosi, hhayi abantukazana.


Wakha imibhoshongo ehlane, wemba imithombo yamanzi eminingi, ngokuba wayenemfuyo eningi ehlanzeni nasethafeni; wayenabalimi nabaphathi bezivini ezintabeni naseKharmeli, ngoba wayengothanda umhlabathi.


UMose wakhetha amadoda anekhono phakathi kwabakwa-Israyeli, wawabeka aba yizinduna zabantu, aba yizinduna phezu kwezinkulungwane, phezu kwamakhulu, phezu kwama-50, naphezu kweshumi.


Baqhubeka bathi kuFaro: “Size ukuzogogobala kuleli lizwe, ngokuba akukho madlelo emfuyo yezinceku zakho, lokhu indlala ibhokile eKhanani. Ngakho-ke izinceku zakho ziyacela ukuba uzivumele zihlale eGosheni.”


Njengokuba uyiphe amandla phezu kwabantu bonke, ukuze bonke oyiphe bona, ibaphe ukuphila okuphakade.


Inhliziyo yenkosi injengemifula yamanzi esandleni sikaSimakade, uyiphendula iye noma kuphi lapho ethanda khona.


Ngalolo lusuku kwakukhona umuntu owayengomunye wezinceku zikaSawule, owayehlaliswe phambi kukaSimakade ukuze afeze okuthile, igama lakhe kunguDowegi wakwa-Edomi, eyinduna yabelusi bakaSawule.


Lezo ezingaligqizanga qakala izwi likaSimakade zazishiya izigqila nemfuyo yazo endle.


Base bewuthatha umlotha eziko, bama phambi kukaFaro, uMose wawuphonsa phezulu emoyeni, wase udala amathumba kubantu nasezilwaneni.


Wayesethi uJosefa: “Uma ningasenayo imali, lethani imfuyo yenu, mina ngizoninika ukudla.”


Hlalani phakathi kwethu, nanti izwe phambi kwenu. Yakhani, nithengiselane, nibe nezindawo zenu.”


U-Abhimeleki wayesethi: “Nanti izwe phambi kwakho, ungakha nomaphi lapho uthanda khona.”


Awuliboni yini leli lizwe eliphambi kwakho na? Masehlukane-ke. Uma uya enyakatho, mina ngizoya eningizimu. Uma uya eningizimu, mina ngizoya enyakatho.”


ULothi wabheka, walibona lonke ithafa eliseJordani kuze kube seZowari ukuthi lalivunde njengensimu kaSimakade, nanjengeGibhithe. Lokho kwenzeka uSimakade engakalibhubhisi iSodoma neGomora.


Uyohlala eGosheni ukuze ube seduze kwami, wena nabantwana bakho, nabazukulu bakho, nemihlambi yakho yonke yezimvu nezinkomo, nakho konke onakho.


Niyothi: ‘Izinceku zakho selokhu kwathi nhlo zingabantu bemfuyo, thina nawobaba,’ ukuze anivumele nihlale eGosheni, ngokuba kwabaseGibhithe abelusi bayanengeka.”


UFaro wathi kuJosefa: “Uyihlo nabafowenu beze kuwe,


USolomoni wayibona le ndoda, uJerobhowamu, ukuthi iyiqhawe elinamandla, futhi iwukhuthalele umsebenzi wayo, wayeseyibeka ukuba yengamele wonke umsebenzi wendlu kaJosefa.


Bheka, manje ngiyakukhulula namuhla emaketangeni asezandleni zakho. Uma kukuhle kuwe ukuba uye nami eBhabhele, woza, ngiyakukunakekela, kodwa uma ungafuni ukuya nami eBhabhele, hlala. Uyabona, lonke izwe liphambi kwakho; yana lapho ufisa ukuya khona.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite