Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 47:27 - IsiZulu 2020

27 Abakwa-Israyeli bahlala eGibhithe eGosheni, baba nempahla eningi, bazalana, banda kakhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 U-Israyeli wahlala ezweni laseGibithe ezweni laseGosheni; bafuya khona, bazala, banda kakhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 U-Israyeli wahlala ezweni laseGibithe, ezweni laseGosheni; babenemfuyo kulo, banda, banda kakhulu;

Gade chapit la Kopi




UGenesise 47:27
19 Referans Kwoze  

UNkulunkulu wathi: “NginguNkulunkulu, uNkulunkulu kayihlo; ungesabi ukwehlela eGibhithe, ngizokwenza ube yisizwe esikhulu lapho.


Abantu bakwa-Israyeli bazalana, banda, bachuma, baba namandla amakhulu; izwe lagcwala bona.


“Kwathi sesisondele isikhathi sesithembiso uNkulunkulu asethembisa ku-Abhrahama, base banda ngokuphindiwe eGibhithe,


Wababusisa, banda kakhulu, akaze ayinciphisa imfuyo yabo.


“Ngiyakubashayela ikhwelo, ngibaqoqe, ngokuba sengibahlengile. Bayakuba baningi njengakuqala.


USimakade wabenza banda kakhulu abantu bakhe, wabenza baba namandla kunezitha zabo.


Wena uyophendula phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Ukhokho wami wayengumAramu owayezulazula, wehlela eGibhithe, wagogobala khona nabantu abayingcosana; waba yisizwe esikhulu khona, esinamandla nesiningi.


Ngiyakusandisa isizukulwane sakho sibe siningi ngangezinkanyezi esibhakabhakeni, ngisinike wonke lawa mazwe, nezizwe zonke zomhlaba ziyobusiswa ngenxa yesizukulwane sakho,


Izizukulwane zabo wazandisa njengezinkanyezi esibhakabhakeni, waziletha ezweni owawulethembise okhokho bazo ukuthi ziyongena kulo, zilidle.


Okhokho bakho babengama-70 ngesikhathi behlela eGibhithe; manje uSimakade uNkulunkulu wakho ukwenzile waba lukhumbintethe ngangezinkanyezi zezulu.”


Kwathi lapho bebacindezela, banda kakhulu, basabalala abantu bakwa-Israyeli; abaseGibhithe baqala ukubesaba.


Izizukulwane zakho ziyoba ngangothuli lomhlaba, uyosabalalela entshonalanga nasempumalanga, enyakatho naseningizimu; izizwe zonke zomhlaba ziyobusiswa ngawe nangezizukulwane zakho.


Ngizokwandisa kakhulu, kuvele kuwe izizwe eziningi ngisho namakhosi imbala.


Ngiyokwandisa izizukulwane zakho zibe ngangothuli lomhlaba, ukuze kuthi uma kukhona ongase akwazi ukubala uthuli lomhlaba, angazibala nezizukulwane.


Kepha ijuba kalitholanga ndawo elalingahlala kuyo. Landiza labuyela emkhunjini, uNowa welula isandla walingenisa ngaphakathi.


wakhiphela ngaphandle igwababa. Landiza njalo lehla lenyuka kwaze kwabohla amanzi emhlabeni.


Hlalani phakathi kwethu, nanti izwe phambi kwenu. Yakhani, nithengiselane, nibe nezindawo zenu.”


UNkulunkulu wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla. Zala wande, ube yisizwe esikhulu. Kuwe kuyovela izizwe eziningi. Nasokhalo lwakho kuyovela amakhosi.


UJosefa wabahlalisa uyise nabafowabo, wabanika indawo eGibhithe, indawo enhle kakhulu eRamesesi njengoba uFaro ayebayalile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite