Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 46:7 - IsiZulu 2020

7 Amadodana akhe, namadodana awo, namadodakazi akhe, namadodakazi amadodana akhe, bonke abantwana bakhe nesizukulwane sakhe behla naye baya eGibhithe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Amadodana akhe, namadodana amadodana akhe, namadodakazi akhe, namadodakazi amadodana akhe, nayo yonke inzalo yakhe wayiletha kanye naye eGibithe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Amadodana akhe namadodana amadodana akhe kanye naye, amadodakazi akhe namadodakazi amadodana akhe nayo yonke inzalo yakhe wayiletha kanye naye eGibhithe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 46:7
9 Referans Kwoze  

Baqhuba yonke imihlambi yabo, bathatha nempahla yonke ababeyithole eKhanani, uJakobe wakhukhula naso sonke isizukulwane sakhe baze bayofika eGibhithe.


Nanka amagama abakwa-Israyeli abahamba baya eGibhithe noJakobe nesizukulwane sakhe: uRubeni, izibulo lakhe,


U-Isaka ngamnika uJakobe no-Esawu. Ngamnika u-Esawu elezintaba kuze kube seSeyiri ukuba alidle libe yifa lakhe, kodwa uJakobe nabantwana bakhe behlela eGibhithe.


Amadodana kaJakobe ayefika nje evela ekwaluseni lapho ezwa ngaleso sigameko, ashaqeka, awotha ubomvu, ngokuba wayenze ichilo kwa-Israyeli ngokungcolisa indodakazi kaJakobe, okwakuyinto eyayingafanele neze ukwenziwa.


ukuthi okhokho bethu behlela eGibhithe, sahlala eGibhithe isikhathi eside; abaseGibhithe basiphatha kabi thina nokhokho bethu.


“Unganengwa ngowakwa-Edomi, ngokuba ungumfowenu; awuyukunengwa ngowaseGibhithe, ngokuba wawungumfokazi ezweni lakubo.


Wena uyophendula phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Ukhokho wami wayengumAramu owayezulazula, wehlela eGibhithe, wagogobala khona nabantu abayingcosana; waba yisizwe esikhulu khona, esinamandla nesiningi.


U-Israyeli wayesefika eGibhithe, uJakobe wagogobala ezweni likaHamu.


Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ekuqaleni abantu bami behlela eGibhithe, bagogobala khona. I-Asiriya labacindezela ngaphandle kwesizathu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite