Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 46:5 - IsiZulu 2020

5 UJakobe wasuka eBheri Sheba, amadodana ka-Israyeli amgibelisa uyise, nabantwana bawo, nomkawo ezinqoleni ezazikhishwe nguFaro ukuba zibathwale.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UJakobe wayesesuka eBeri Sheba; amadodana ka-Israyeli amthwala uJakobe uyise, nezingane zawo, nawomkawo ezinqoleni abezithumile uFaro zokumthwala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UJakobe wasuka eBeri Sheba; abantwana bakwa-Israyeli bamthwala uJakobe uyise, nabantwana babo, nawomkabo, ezinqoleni uFaro ayezithumele ukuba zimthwale.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 46:5
9 Referans Kwoze  

Amadodana ka-Israyeli enza njengalokhu eyaliwe. UJosefa wawanika izinqola nomphako njengokusho kukaFaro.


“Ngiyakuyala, batshele ukuthi ngithi: ‘Zithatheleni nina nomkenu nabantwana benu izinqola lapha eGibhithe, nigibelise uyihlo nize naye lapha.


Bamlandisa konke okwakukhulunywe nguJosefa kubo, futhi wabona nezinqola ayezikhiphile ukuba zizomlanda. Waqala uJakobe ukuvuseleleka emoyeni.


Imfuyo yethu siyakuhamba nayo, akuyukusala ngisho nenselo eyodwa, ngokuba siyakuthatha kuyo ukuze sikhonze ngayo uSimakade uNkulunkulu wethu, futhi-ke ngeke sazi ukuthi siyomkhonza ngani uSimakade, singakafiki lapho.”


UFaro wabiza uMose, wathi kuye: “Hambani niyokhonza uSimakade, kusale kuphela izimvu, izimbuzi, nezinkomo zenu; hambani ngisho nabantwana benu imbala.”


UJakobe wehlela eGibhithe; wafela khona, yena nawokhokho.


U-Abhrahama wavuka ngovivi, wathatha isinkwa nemvaba yamanzi wakunika uHagari, wayesemethwesa khona ehlombe, wamkhomba indlela benomfana. Owesifazane wazulazula ehlane eBheri Sheba.


“Lapho uJakobe esefikile eGibhithe, okhokho benu bakhala kuSimakade. USimakade wathuma uMose no-Aroni, babakhipha okhokho benu eGibhithe, wabahlalisa kule ndawo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite