Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 46:34 - IsiZulu 2020

34 Niyothi: ‘Izinceku zakho selokhu kwathi nhlo zingabantu bemfuyo, thina nawobaba,’ ukuze anivumele nihlale eGosheni, ngokuba kwabaseGibhithe abelusi bayanengeka.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 anothi: ‘Izinceku zakho zingabantu bemfuyo kwasebusheni bethu kuze kube manje, thina nawobaba,’ ukuze nihlale ezweni laseGosheni, ngokuba wonke umalusi wezimvu uyanengeka kwabaseGibithe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 nithi: ‘Umsebenzi wezinceku zakho kwasebusheni bethu kuze kube manje wawunezinkomo, thina nawobaba, ukuze nihlale ezweni laseGosheni; ngoba bonke abelusi bayisinengiso kwabaseGibhithe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 46:34
17 Referans Kwoze  

Kepha uMose wathi: “Akunakwenzeka lokho, ngokuba imihlatshelo esizoyethula kuSimakade uNkulunkulu wethu ingokunengekayo kwabaseGibhithe. Singahlaba yini okunengekayo kwabaseGibhithe, singakhandwa ngamatshe na?


Bamphakela yedwa, base bebaphakela nabo kanjalo, nabaseGibhithe ababedla naye babaphakela ngokwabo, lokhu abaseGibhithe babengeke badle namaHebheru, ngokuba kwakuyisinengiso kubo.


Lawa madoda angabelusi bemfuyo, amadoda anemihlambi, afike nayo yonke imfuyo yawo, nakho konke anakho.


Ngelinye ilanga abafowabo bakaJosefa bahamba nomhlambi kayise beyowelusela eShekhemu.


Uyohlala eGosheni ukuze ube seduze kwami, wena nabantwana bakho, nabazukulu bakho, nemihlambi yakho yonke yezimvu nezinkomo, nakho konke onakho.


Ngalolo lusuku uLabani wakhetha zonke izimpongo ezihunqu, nezimabhadubhadu, nezimbuzikazi ezimabalabala, nezimabhadubhadu, zonke lezo ezazinamabala amhlophe, namawundlu amnyama, wakupha amadodana akhe.


UJakobe wezwa ngesigameko sokungcoliswa kwendodakazi yakhe uDina, kodwa akaze asho lutho kwaze kwafika amadodana akhe evela ekwaluseni.


Abelusi bemfuyo ka-Abhrama nabekaLothi base beqale ukuxabana. Ngaleso sikhathi amaKhanani namaPherizi ayehlala kulelo lizwe.


U-Abhrama wathi kuLothi: “Masingaxabani, ingabi bikho nengxabano phakathi kwabelusi bethu, ngoba thina siyazalana.


Kwaqubuka umbango phakathi kwabelusi baseGerari nabaka-Isaka, abaseGerari bethi: “Lawa manzi ngawethu.” Wawuqamba lowo mthombo wathi yi-Eseki okunguthi kusembangweni, ngoba bambangisa.


Lena yindaba kaJakobe nezizukulwane zakhe. Kwathi uJosefa eseneminyaka eyi-17, elusa umhlambi nabafowabo ababezalwa nguBhiliha noZilipha, abafazi bakayise, uJosefa wabika umbiko omubi ngabafowabo kuyise.


nithathe uyihlo nemindeni yenu nize kimi, ukuze ngininike eyekhethelo eGibhithe, nitamuze okuhle kwalo.’


UFaro wathi kubafowabo: “Uyini umsebenzi wenu na?” Bathi kuFaro: “Izinceku zakho zingabelusi bemihlambi, thina nobaba.”


Baqhubeka bathi kuFaro: “Size ukuzogogobala kuleli lizwe, ngokuba akukho madlelo emfuyo yezinceku zakho, lokhu indlala ibhokile eKhanani. Ngakho-ke izinceku zakho ziyacela ukuba uzivumele zihlale eGosheni.”


iGibhithe lisezandleni zakho. Uyihlo nabafowenu bahlalise endaweni enhle ezweni, mabahlale eGosheni. Uma kukhona phakathi kwabo abanekhono lokwelusa, ubabeke babe ngabaphathi bemfuyo yami.”


UJosefa wabahlalisa uyise nabafowabo, wabanika indawo eGibhithe, indawo enhle kakhulu eRamesesi njengoba uFaro ayebayalile.


Ngalolo lusuku ngiyakulehlukanisa iGosheni lapho kuhlala khona abantu bami, akuyukuba bikho zinkumbi zezibawu khona, ukuze wazi ukuthi Mina Simakade ngikuleli lizwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite