Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 46:12 - IsiZulu 2020

12 Amadodana kaJuda kungu-Eri, u-Onani, uShela, uPherezi, noZera. Kuwona u-Eri, no-Onani bafela eKhanani. Amadodana kaPherezi: kwakunguHezironi noHamuli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Amadodana kaJuda: ngo-Eri, no-Onani, noShela, noPheresi, noZera; kepha o-Eri no-Onani bafela ezweni laseKhanani. Amadodana kaPheresi ayengoHesironi noHamule.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Amadodana kaJuda; u-Eri, no-Onani, noShela, noPerezi, noSeraki; kepha o-Eri no-Onani bafela ezweni laseKhanani. Amadodana kaPheresi: ngoHezironi noHamuli.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 46:12
29 Referans Kwoze  

Amadodana kaShela, indodana kaJuda: kwakungu-Eri, uyise kaLekha, uLahada, uyise kaMaresha, nemindeni yendlu yabaluka ilineni elicolekileyo, bendlu ka-Ashibheya,


Leyo nto ayenza yaba yimbi emehlweni kaSimakade, wayesembulala naye.


U-Eri, izibulo likaJuda, wayemubi phambi kukaSimakade, ngakho-ke uSimakade wambulala.


Wakhulelwa futhi wathola indodana, wathi: “Manje ngizodumisa uSimakade,” wayiqamba igama wathi nguJuda, wayesema ukuthola abantwana.


Omunye wamalunga wayesethi kimi: “Ungakhali. INgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, inqobile, ukuze ivule incwadi nezisicilelo zayo eziyisikhombisa.”


Kusobala ukuthi iNkosi yethu ivele kuJuda, isizwe uMose angakhulumanga lutho ngaso mayelana nobuphristi.


Kepha yaqoka isizwe sakwaJuda, intaba iZiyoni eyithandayo.


Noma uJuda wayenamandla kunabafowabo, kwavela kuye umbusi, ubuzibulo nokho babungobukaJosefa.


Nanka amagama amadodana kaDavide abamzalela wona eHebhroni: izibulo u-Amnoni ku-Ahinohama, umHizireyelikazi; owesibili nguDaniyeli, ku-Abhigayili, umKharmelikazi;


Nanka amadodana ka-Israyeli: uRubeni, uSimeyoni, uLevi, uJuda, u-Isakhare, uZebuloni,


USimakade wathi: “NguJuda ozokwenyuka. Bheka, izwe ngilinikele esandleni sakhe.”


“Washo lokhu ngoJuda: ‘Yizwa, Simakade, yizwa izwi likaJuda, umlethe kwabakubo; izandla zakho zimlwele, umsize kwabamelene naye.’


KwaJuda: uNaheshoni indodana ka-Aminadaba.


Yabuye yakhulelwa, yazala enye indodana, wayiqamba igama wathi ngu-Onani.


Amadodana kaLevi: nguGereshoni, uKhohathi, noMerari.


Amadodana ka-Isakhari: kunguThola, uPhuva, uJashubi, noShimroni.


Sengathi abantwana uSimakade azobapha le ntombazane bangenza indlu yakho ifane nekaPherezi ayivuselwa nguJuda ngokungena uThamari.”


u-Uthayi ka-Amihudi ka-Omri ka-Imri kaBhani, kwabozalo lukaPherezi kaJuda.


Yalandelisa futhi ngenye indodana, wayiqamba igama wathi nguShela: babeseKhezibhi ngesikhathi ezalwa.


Amadodana kaJuda: kwakunguPherezi, uHezironi, uKharmi, uHure, noShobhali.


Kumadodana kaZera: kunguJehuweli nabafowabo, bengama-690.


UPhethahiya, indodana kaMeshezabheli, wabozalo lukaZera, indodana kaJuda, wayemele inkosi ezindabeni zonke eziphathelene nabantu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite