Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 45:6 - IsiZulu 2020

6 Niyayibona le ndlala ekhona ezweni isathathe iminyaka emibili, isazoqhubeka eminye emihlanu kungalinywa, kungavunwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngokuba isimibili iminyaka indlala ikhona ezweni; kusasele iminyaka eyisihlanu okungayikulinywa, kuvunwe ngayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kule minyaka emibili kwakukhona indlala ezweni, futhi kuseneminyaka emihlanu okungayikuvuna ngayo noma kuvunwe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 45:6
13 Referans Kwoze  

UJosefa wathi kubantu: “Njengoba manje uFaro sengimthengele nina nomhlaba wenu, nansi-ke imbewu yenu enizoniyihlwanyela emhlabathini.


Indlala yayisezweni lonke, ngakho-ke uJosefa wazivula zonke izinqolobane, wathengisela abaseGibhithe, ngokuba indlala yayisidlangile naseGibhithe.


Iminyaka eyisikhombisa yendlala yaqala njengoba uJosefa ayeshilo. Kwaba nendlala kulo lonke izwe, kodwa eGibhithe kwakukhona ukudla.


Izinkabi nezimbongolo ezilima umhlabathi ziyokudla ukudla okuyolisiweyo, okweliwe ngefosholo nangembenge.


iyakuzibekela wona abe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zama-50, alime umhlabathi wayo, avune isivuno sayo, enze izikhali zayo zempi nempahla yezinqola zayo.


Amalunga alowo muzi ayokwehlisela isithole esigodini esinomfudlana ogelezayo, esingakaze silinywe noma kutshalwe kuso, bese ephula intamo yesithole khona lapho esigodini.


“Uyosebenza izinsuku eziyisithupha, uphumule ngosuku lwesikhombisa. Uyophumula ngisho nangesikhathi sokulima nesokuvuna.


Kuthe sewuphelile lowo nyaka baphindela kuye ngonyaka olandelayo, bathi: “Singeke sikufihlele lokhu nkosi; imali, nemfuyo yethu, nezinkomo, sekuphelile; asisenalutho nkosi ngaphandle kwethu nomhlaba wethu.


Lena yindaba kaJakobe nezizukulwane zakhe. Kwathi uJosefa eseneminyaka eyi-17, elusa umhlambi nabafowabo ababezalwa nguBhiliha noZilipha, abafazi bakayise, uJosefa wabika umbiko omubi ngabafowabo kuyise.


UJosefa wayeneminyaka engama-30 ngesikhathi eqala ukusebenzela uFaro inkosi yaseGibhithe. UJosefa waphuma phambi kukaFaro, wahamba kulo lonke iGibhithe.


Yaphela iminyaka eyisikhombisa yenala eyayikhona eGibhithe.


Mabaqokelele konke ukudla kule minyaka emihle yenala, bakugcine ezinqolobaneni phansi kwesandla sikaFaro, bakulondoloze emizini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite