Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 45:5 - IsiZulu 2020

5 Manje ningabe nisakhathazeka, futhi ningazisoli ngokuthi nangidayisa, ngokuba nguNkulunkulu owangithumela ukuba nginandulele ukuze ngilonde impilo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Manje ningabi buhlungu, ningazithukutheleli ukuthi nathengisa ngami lapha, ngokuba uNkulunkulu wangithuma phambi kwenu ukulondoloza impilo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Manje ningabi lusizi, ningazithukutheleli ukuthi nathengisa ngami lapha, ngokuba uNkulunkulu wangithuma phambi kwenu ukulondoloza ukuphila.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 45:5
21 Referans Kwoze  

Nakuba nangakhela uzungu nifuna ukungenzakalisa, kodwa uNkulunkulu wayehlose okuhle, ukuze namuhla kusindiswe izinkumbi zabantu.


wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame, futhi ngizobuyela khona ngize. USimakade usisile, uSimakade usethathile; malibongwe igama likaSimakade.”


UJesu wathi: “Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo.” Babelana ngezingubo zakhe, benzelana unkatho.


Bathi: “Usisindisile, ngakho-ke masifumane umusa kuwe nkosi, siyakuba yizigqila zikaFaro.”


ukuze singehlulwa nguSathane, ngokuba asisibo abangawazi amaqhinga akhe.


kodwa kunalokho, mthetheleleni, nimduduze, funa owenze lokho ahaqwe wusizi.


U-Absalomu nabantu bonke bakwa-Israyeli bathi: “Iseluleko sikaHushayi, umArikhi, singcono kuneseluleko sika-Ahithofeli.” Ngokuba uSimakade wayenqumile ukuba kubhuntshe iseluleko esihle sika-Ahithofeli, ukuze uSimakade amehlisele okubi u-Absalomu.


Wena wakwenza lokhu ekusithekeni, kodwa Mina ngizokwenza lokhu phambi kuka-Israyeli wonke emini kwabha!’ ”


Bavuka ekuseni kakhulu bakhuleka phambi kukaSimakade, base bebuyela emuva endlini yabo eRama. U-Elikhana walala nomkakhe, uSimakade wamkhumbula uHana.


Mhlawumbe yingakho nehlukana okwesikhashana, ukuze abuyele kuwe, abe ngowakho kuze kube phakade,


Kwathi lapho kwedlula abahwebi bakwaMidiyani, bamkhipha uJosefa emgodini, bamthengisa kwabakwa-Ishmayeli ngezinhlamvu zesiliva ezingama-20, ababe sebemthatha bahamba, baya naye eGibhithe.


UJosefa wathi kubo: “Ningesabi. Kanti nginguNkulunkulu yini na?


Ngakho-ke ningesabi, ngizoninakekela nina nabantwana benu.” Wabaduduza ngokukhuluma nabo kanjalo.


Uma uthula ngesikhathi esifana nalesi, usizo nokukhululwa kwabaJuda kuzovela ndawana thize, kodwa wena nabendlu kayihlo nizobhubha. Ngubani owaziyo? Mhlawumbe ungene embusweni waba yindlovukazi ngenxa yesikhathi esifana nalesi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite