Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 45:27 - IsiZulu 2020

27 Bamlandisa konke okwakukhulunywe nguJosefa kubo, futhi wabona nezinqola ayezikhiphile ukuba zizomlanda. Waqala uJakobe ukuvuseleleka emoyeni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Bamlandisa onke amazwi kaJosefa abewashilo kubo; lapho esebona izinqola abezithumile uJosefa zokumthwala, umoya kaJakobe uyise wavuselelwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Basebemtshela wonke amazwi kaJosefa abewakhulume kubo; lapho ebona izinqola uJosefa ayezithumele ukuba zimthwale, umoya kayise uJakobe waphila.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 45:27
8 Referans Kwoze  

Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo.


“Ngiyakuyala, batshele ukuthi ngithi: ‘Zithatheleni nina nomkenu nabantwana benu izinqola lapha eGibhithe, nigibelise uyihlo nize naye lapha.


Uyakusiphilisa emva kwezinsuku ezimbili, asivuse ngosuku lwesithathu, siphile ebukhoneni bakhe.


Awuzukusivusa yini, sibuye siphile, ukuze abantu bakho bathokoze ngawe na?


Bamnika ucezu lwesigaxa samakhiwane, nezigaxa ezimbili zamagilebhisi omisiwe, wadla, ayesebuyela kuye amandla akhe, lokhu wayengakaze adle sinkwa noma aphuze manzi izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.


UNkulunkulu wavula umgodi eLehi, kwaphuma amanzi kuwo. Esephuzile abuya amandla akhe, wavuseleleka. Ngakho-ke leyo ndawo yabizwa ngokuthi yi-Eni Hakhore, isekhona eLehi kuze kube namuhla.


U-Israyeli wathi: “Kwanele; uJosefa indodana yami usaphila. Ngizohamba ngiyombona ngingakafi.”


Njengamanzi aqandayo emphinjeni owomileyo, unjalo umbiko omuhle ovela ezweni elikude.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite