Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 45:21 - IsiZulu 2020

21 Amadodana ka-Israyeli enza njengalokhu eyaliwe. UJosefa wawanika izinqola nomphako njengokusho kukaFaro.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Enze njalo amadodana ka-Israyeli. UJosefa wabapha izinqola njengesiyalo sikaFaro, wabanika nomphako wendlela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Abantwana bakwa-Israyeli benze njalo; uJosefa wabanika izinqola njengesiyalo sikaFaro, wabanika ukudla kwendlela.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 45:21
12 Referans Kwoze  

“Ngiyakuyala, batshele ukuthi ngithi: ‘Zithatheleni nina nomkenu nabantwana benu izinqola lapha eGibhithe, nigibelise uyihlo nize naye lapha.


bayakuza kuwe bakuthelekele ngezikhali, izinqola, okunamasondo, nesixuku sabantu, bayakukuvimbezela nxazonke ngamahawu nezihlangu, nezigqoko zempi. Ngiyakubanika igunya lokwehlulela, bayakukwehlulela ngezehlulelo zabo.


“USimakade ungijezise ngokufanele, ngokuba angililalelanga izwi lakhe. Lalelani bantu, bukani nibone ubuhlungu bami. Izintombi nezinsizwa zami zihambile, zisekuthunjiweni.


Ngithi: gcina umyalo wenkosi, ngenxa yesifungo sikaNkulunkulu.


Ngakho-ke yonke inkonzo kaSimakade yalungiswa ngalolo lusuku ukuba kugcinwe iphasika, kunikelwe ngeminikelo yokushiswa e-althare likaSimakade njengalokhu kwakuyaleze inkosi uJosiya.


njengalokhu kufanele, imihla ngemihla. Wayenikela njengokomyalo kaMose, ngamasabatha, ngokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo. Wayenikela kathathu ngonyaka: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, ngomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo.


UMose wababala abaLevi njengezwi likaSimakade, njengalokhu ayemyalile uSimakade.


Lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli lasuka ehlane iSini lahamba ngezigaba, njengokuyala kukaSimakade. Lakanisa eRefidimi, kodwa kwakungekho manzi okuba abantu baphuze.


UJakobe wasuka eBheri Sheba, amadodana ka-Israyeli amgibelisa uyise, nabantwana bawo, nomkawo ezinqoleni ezazikhishwe nguFaro ukuba zibathwale.


Bamlandisa konke okwakukhulunywe nguJosefa kubo, futhi wabona nezinqola ayezikhiphile ukuba zizomlanda. Waqala uJakobe ukuvuseleleka emoyeni.


Ningakhathazeki ngempahla yenu, ngokuba konke okuhle kwezwe eGibhithe kungokwenu.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite