Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 45:20 - IsiZulu 2020

20 Ningakhathazeki ngempahla yenu, ngokuba konke okuhle kwezwe eGibhithe kungokwenu.’ ”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Futhi ningakhathaleli impahla yenu, ngokuba okuhle kwezwe lonke laseGibithe kungokwenu.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Unganaki impahla yakho; ngoba okuhle kwezwe lonke laseGibhithe kungokwenu.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 45:20
23 Referans Kwoze  

Uma nivuma, futhi nilalela, niyokudla okuhle kwezwe.


Ngalolo lusuku oyakube ephezu kophahla lwendlu, impahla yakhe isendlini, makangehli ukuyoyithatha; kanjalo nosensimini, makangabuyeli emuva.


Nokho iso lami lababheka ngesihawu ukuba ngingababhubhisi, ngingabaqedi nya ehlane.


Ngamuzwa ethi kulawa amanye amadoda: “Dabulani emzini nilandele leyo ndoda, nibulale, iso lenu lingahawukeli, ningabi naluzwelo.


Iso lami aliyukukubheka ngesihawu, angiyukuba naluzwelo; ngiyakuphindisela kuwe ngokwezindlela zakho, izinengiso zakho ziyokuba phakathi kwakho; niyakukwazi ukuthi Mina Simakade ngiyashaya.


Angiyukukubheka ngesihawu, angiyukuba naluzwelo kuwe; ngiyakuphindisela kuwe ngokuziphatha kwakho, izinengiso zakho zibe phakathi kwakho; niyakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.’


Ayobulala izinsizwa ngeminsalo yawo; angabi nasihe esithelweni sesibeletho sabo; abayukuba nasihawu kubantwana.


Ngakho-ke amadodakazi enu ningawaganiseli amadodana azo, namadodana enu ningawathatheli abafazi kumadodakazi azo, ningalokothi nifune ukuthula kwazo nempumelelo yazo, ukuze nibe namandla, futhi nidle okuhle kwezwe, nilishiyele abantwana benu libe yifa labo laphakade.’


Ngubani oyakunilalela kule ndaba na? Ngokuba njengesabelo salowo owehlele empini siyakuba njalo nesabelo salowo owasala nempahla; bayakwabelwa ngokulinganayo.”


UDavide wathi kubantu bakhe: “Bhincani, kube yilowo nalowo inkemba yakhe.” Zabhinca-ke, kwaba yilowo nalowo inkemba yakhe; naye uDavide wabhinca inkemba yakhe. Kwakhuphuka abantu kungathi abangama-400 belandela uDavide, kwathi abangama-200 basala nempahla.


Babuye babuza kuSimakade ukuthi: “Usazofika yini lowo muntu na?” USimakade waphendula wathi: “Bheka, ukhona, ucashe empahleni.”


U-Israyeli wonile, usephulile isivumelwano engimmisele sona. Bathathile izinto eziqalekisiweyo, bebile, benza inkohlakalo, bazithathile lezo zinto bazihlanganisa nempahla yabo.


Iso lakho aliyukuhawukela; makube ngukuphila ngokuphila, iso ngeso, izinyo ngezinyo, isandla ngesandla, unyawo ngonyawo.”


Iso lakho aliyukumhawukela, kepha uyolisusa igazi elingenacala kwa-Israyeli ukuba kube kuhle kuwe.”


Uyakuziqeda nya zonke izizwe uSimakade uNkulunkulu wakho ayakuzinikela kuwe; iso lakho aliyukuzihawukela, awuyukubakhonza onkulunkulu bazo, ngokuba lokho kuyakuba lugibe kuwe.


“Uma umuntu enika umakhelwane wakhe imali noma izimpahla ukuba amgcinele ziphephile zibe zingezebiwe endlini kamakhelwane, uma libanjwa isela, liyakukhokha ngokuphindwe kabili.


nithathe uyihlo nemindeni yenu nize kimi, ukuze ngininike eyekhethelo eGibhithe, nitamuze okuhle kwalo.’


ophezu kophahla lwendlu, makangehli ukuyothatha okusendlini yakhe;


U-Abhimeleki wayesethi: “Nanti izwe phambi kwakho, ungakha nomaphi lapho uthanda khona.”


“Ngiyakuyala, batshele ukuthi ngithi: ‘Zithatheleni nina nomkenu nabantwana benu izinqola lapha eGibhithe, nigibelise uyihlo nize naye lapha.


Amadodana ka-Israyeli enza njengalokhu eyaliwe. UJosefa wawanika izinqola nomphako njengokusho kukaFaro.


iGibhithe lisezandleni zakho. Uyihlo nabafowenu bahlalise endaweni enhle ezweni, mabahlale eGosheni. Uma kukhona phakathi kwabo abanekhono lokwelusa, ubabeke babe ngabaphathi bemfuyo yami.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite