Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 45:2 - IsiZulu 2020

2 Wakhala kakhulu baze bezwa nabaseGibhithe, leso sililo saze safinyelela nasendlini kaFaro.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Wayesephakamisa izwi ngokukhala, abaseGibithe bakuzwa, nendlu kaFaro yakuzwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Wakhala ngezwi elikhulu, abaseGibithe nendlu kaFaro bakuzwa.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 45:2
10 Referans Kwoze  

Bonke bakhala kakhulu, bamxhawula, bamanga,


“Simakade, ngiyakuncenga, ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso, nangenhliziyo epheleleyo, ngenza okuhle phambi kwakho.” UHezekiya wadazuluka wakhala kakhulu.


Sengathi uSimakade anganenza nifumane ukuphumula, yilowo nalowo emzini womyeni wakhe.” Wabe eseyabanga, base bedazuluka bekhala.


Inhlangano yonke yaphakamisa izwi layo yakhala, abantu bakhala ngalobo busuku.


uJosefa wabophela inqola yakhe yempi, wakhuphuka, wamhlangabeza uyise u-Israyeli. UJosefa waziveza kuye, wamgona, wakhala isikhathi eside encike ehlombe lakhe.


UJosefa wathinteka kakhulu enhliziyweni yakhe lapho ebona umnawakhe, waphuma masinyane, wafuna indawo lapho angase akhale khona. Waya endlini yakhe, wakhala lapho.


Wazilahlela entanyeni yomfowabo uBhenjamini, wakhala; noBhenjamini wakhalela entanyeni yakhe.


Wabanga bonke abafowabo ngamunye, ekhala. Emveni kwalokho abafowabo baxoxa naye.


Wabafulathela, wakhala; wabuye waphindela kubo, wakhuluma nabo, wayesesusa uSimeyoni kubo, waboshwa bebuka.


“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa. Bayakungibuka mina, lowo abamgwazayo. Bayakumlilela njengokulilela kozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye, njengokukhalela kalusizi izibulo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite