Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 45:15 - IsiZulu 2020

15 Wabanga bonke abafowabo ngamunye, ekhala. Emveni kwalokho abafowabo baxoxa naye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Wabanga bonke abafowabo, wakhalela kubo; emva kwalokho abafowabo bakhuluma naye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngaphezu kwalokho, wabanga bonke abafowabo wakhala phezu kwabo; ngasemuva abafowabo bakhuluma kuye.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 45:15
17 Referans Kwoze  

Yayisisuka, yaya kuyise. Kepha kuthe isekude, uyise wayibona, waba nesihe, wagijima, wayisingatha entanyeni, wayanga.


Bonke bakhala kakhulu, bamxhawula, bamanga,


Uzibambile izinkophe zami, amehlo ami awavaleki. Ngikhathazekile, akusakhulumeki.


UJowabe waya enkosini, wayibikela. Inkosi yambiza u-Absalomu, weza kuyo, wakhothama phambi kwayo wathi mbo ngobuso emhlabathini; inkosi yamanga u-Absalomu.


Esehambile umfana, uDavide wavuka ngaseningizimu, wawa phansi ngobuso bakhe, wakhothama kathathu; bangana, bakhala, yilowo nalowo ekhalela umngani wakhe, uDavide wakhala kakhulu.


USamuweli wayesethatha umfuma wamafutha wawuthela ekhanda likaSawule wayesemanga, wathi kuye: “USimakade akakugcobile yini ukuba ube ngumbusi wefa lakhe na?


Baphinda badazuluka bakhala; u-Orpha wamanga uninazala, kodwa uRuthi wanamathela kuye.


Sengathi uSimakade anganenza nifumane ukuphumula, yilowo nalowo emzini womyeni wakhe.” Wabe eseyabanga, base bedazuluka bekhala.


USimakade wathi ku-Aroni: “Hamba uye ehlane uyohlangabeza uMose.” Wahamba, wahlangana naye entabeni kaNkulunkulu, wamanga.


Wakhala kakhulu baze bezwa nabaseGibhithe, leso sililo saze safinyelela nasendlini kaFaro.


Kepha u-Esawu wathathela ngejubane wamhlangabeza uJakobe umnawakhe, wafike wamgona, wamgomothela, wamanga, base bekhala.


Lapho uLabani ezwa udaba ngomshana wakhe uJakobe, wagijima wayomhlangabeza, wamgona, wamanga, wabuyela naye emzini wakhe. UJakobe wamlandisa uLabani zonke lezo zinto.


UJakobe wamanga uRaheli, wayesedazuluka ekhala kakhulu ngenxa yokujabula.


Wabafulathela, wakhala; wabuye waphindela kubo, wakhuluma nabo, wayesesusa uSimeyoni kubo, waboshwa bebuka.


Wazilahlela entanyeni yomfowabo uBhenjamini, wakhala; noBhenjamini wakhalela entanyeni yakhe.


Kwafika umbiko endlini kaFaro, othi: “Abafowabo bakaJosefa bafikile.” Kwaba kuhle lokho kuFaro nasezincekwini zakhe.


uJosefa wabophela inqola yakhe yempi, wakhuphuka, wamhlangabeza uyise u-Israyeli. UJosefa waziveza kuye, wamgona, wakhala isikhathi eside encike ehlombe lakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite