Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 44:2 - IsiZulu 2020

2 Faka indebe yami yesiliva, nemali yokuthenga okusanhlamvu emlonyeni wesaka lomncane.” Yenza njengoba uJosefa eshilo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ufake indebe yami, indebe yesiliva, emlonyeni wesaka lomncane kanye nemali yamabele akhe.” Yenza-ke njengezwi likaJosefa alishilo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ufake indebe yami, indebe yesiliva, emlonyeni wesaka lomncane kanye nemali yengqoloyi yakhe. Futhi wenza njengezwi uJosefa ayelikhulumile.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 44:2
12 Referans Kwoze  

Angikusho lokhu njengomyalo, kodwa ukuba ngokukhuthala kwabanye ngivivinye ubuqotho bothando lwenu.


“Bhekani lapha, ngiyanithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi, ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.


aniyukuwalalela amazwi alowo mphrofethi, noma lowo ophupha amaphupho, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu uyakunilinga ukuba azi ukuthi niyamthanda yini uSimakade uNkulunkulu wenu ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu, na?


Wakupha imana ehlane, okhokho bakho ababengayazi, ukuze akuthobise, akuvivinye, kuthi ekugcineni akwenzele okuhle.


Uyoyikhumbula yonke indlela uSimakade uNkulunkulu wakho akuhola ngayo le minyaka engama-40 ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, ukuze azi okusenhliziyweni yakho, ukuthi uyoyigcina yini imiyalo yakhe noma qha.


Bamphakela yedwa, base bebaphakela nabo kanjalo, nabaseGibhithe ababedla naye babaphakela ngokwabo, lokhu abaseGibhithe babengeke badle namaHebheru, ngokuba kwakuyisinengiso kubo.


Kufanele nilethe umfowenu omncane ukuze ngibe nesiqiniseko sokuthi amazwi enu ayiqiniso; ningafi.” Nebala benza kanjalo.


UJosefa wayala induna eyayiphethe endlini yakhe, wathi: “Gcwalisa amasaka alawa madoda ngokudla ngokwamandla awo, bese uphindisela imali yawo ngayinye uyifake emilonyeni yamasaka awo.


Kwathi ukuba kuse, bavalelisana nalawo madoda, ayesengena indlela nezimbongolo zawo.


Induna yaqala ukucinga ezibulweni, yagcina ngothunjana. Indebe yatholakala esakeni likaBhenjamini.


UJosefa wayala ukuba kugcwaliswe amasaka abo ngokusanhlamvu, futhi babuyiselwe imali emasakeni abo, baphiwe nomphako. Kwenziwa kanjalo kubo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite