Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 44:18 - IsiZulu 2020

18 UJuda wazidela amathambo, wakhuluma noJosefa wathi: “Ngicela uxolo, nkosi yami, yivumele inceku yakho ibeke libe linye nje enkosini yayo, ungayithukutheleli inceku yakho, ngokuba wena ulingana noFaro uqobo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 UJuda wayesesondela kuye, ethi: “O nkosi yami, inceku yakho mayikhulume izwi ezindlebeni zenkosi yami, ungavuthi ulaka ngenceku yakho, ngokuba ungangoFaro wena.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 UJuda wayesesondela kuye, wathi: “Awu, nkosi yami, inceku yakho mayikhulume izwi ezindlebeni zenkosi yami, futhi intukuthelo yakho mayingayivuthi encekwini yakho, ngokuba unjengoFaro;

Gade chapit la Kopi




UGenesise 44:18
19 Referans Kwoze  

U-Aroni wathi: “Ungangithukutheleli nkosi yami. Uyabazi abantu ukuthi bathanda ukwenza okubi.


Uzokwengamela isigodlo sami, nesizwe sami sonke siyokwenza njengoba usiyala; yimi kuphela ngokwesikhundla sami sobukhosi engizoba mkhulu kunawe.”


Wayesethi: “Ngicela iNkosi ingangithukutheleli kengiphawule. Mhlawumbe kwenzeke kutholakale abangama-30.” Yaphendula yathi: “Angiyukuwubhubhisa uma ngithola abangama-30.”


UFaro wathi kuJosefa: “Mina nginguFaro, kodwa ngaphandle kwemvume yakho akukho muntu oyophakamisa isandla, noma unyawo kulo lonke iGibhithe.”


Wayesethi: “Ngicela Nkosi ungangicasukeli, ngiphawule okokugcina. Mhlawumbe kwenzeke kutholakale lapho abalishumi.” Yaphendula yathi: “Ngenxa yabalishumi angiyukuwubhubhisa.”


“Madoda, bazalwane, ake ngisho lokhu kini ngesibindi mayelana nokhokho uDavide, ukuthi wafa, wembelwa, nokuthi ithuna lakhe lisekhona nanamuhla.


Ngokuba noYise akehluleli muntu, kodwa igunya lonke lokwehlulela ulinike iNdodana,


Kepha ngenxa yobukhulu amnika bona, bonke abantu, izizwe, nezilimi bathuthumela, besaba phambi kwakhe; kwathi athanda ukumbulala wambulala, athanda ukumyeka wamyeka; athanda ukumphakamisa wamphakamisa, athanda ukumthobisa wamthobisa.


Manje uma nilungele ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, igekle, ihabhu, umqangala, ugubhu, igemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwayo, niwe phansi, nikhuleke esithombeni engisenzileyo, kuhle; kepha uma ningakhuleki, niyakuphonswa ngaso leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo; ngumuphi lowo nkulunkulu onganophula esandleni sami na?”


Ukuthukuthela kwenkosi kunjengokubhonga kwengonyama, kepha isihe sayo sinjengamazolo otshanini.


Kuyoze kube nini, Simakade, ulokhu uthukuthele, isifithifithi solaka lwakho sivutha njengomlilo na?


Yizwa Jobe, ngilalele, thula, mina ngizakukhuluma.


Kodwa indlovukazi uVashiti yenqaba ukuza njengoba kwakuyaleze inkosi kubathenwa. Lokho kwayenza inkosi yathukuthela kakhulu, yabhodla umlilo.


Wayesethi owesifazane: “Ake incekukazi yakho ikhulume izwi enkosini yami, inkosi.” Yathi: “Khuluma.”


Besibopha izinyanda ensimini, kwathi inyanda yami yaphakama yema, ezenu zase ziyizungeza, zayikhothamela.”


Abafowabo bathi kuye: “Usho ukuthi uzoba yinkosi yethu usibuse na?” Yabhebhetheka kakhulu inzondo kubafowabo ngenxa yamaphupho namazwi akhe.


UJosefa wathi: “Angikwazi ukwenza into enjalo. Umuntu etholakale kuye indebe yami uzokuba yisigqila sami, nina yenyukani, nibuyele kuyihlo ngokuthula.”


Wathi kubo: “Ake nizwe iphupho engiliphuphileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite