Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 44:1 - IsiZulu 2020

1 UJosefa wayala induna eyayiphethe endlini yakhe, wathi: “Gcwalisa amasaka alawa madoda ngokudla ngokwamandla awo, bese uphindisela imali yawo ngayinye uyifake emilonyeni yamasaka awo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Wayala inceku yendlu yakhe, wathi: “Gcwalisa amasaka alawa madoda ngokudla okulingene namandla abo okuthwala, ufake imali yalowo nalowo emlonyeni wesaka lakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Waselaya umlindi wendlu yakhe, wathi: Gcwalisani izikhwama zamadoda ngokudla, okungangokudla okungamandla awo, lemali yalowo lalowo uyifake emlonyeni wesikhwama sakhe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 44:1
8 Referans Kwoze  

UJosefa wayala ukuba kugcwaliswe amasaka abo ngokusanhlamvu, futhi babuyiselwe imali emasakeni abo, baphiwe nomphako. Kwenziwa kanjalo kubo.


Kwathi ukuba uJosefa ambone uBhenjamini enabo, wathi enduneni eyayengamele indlu yakhe: “Ngenisa lawa madoda endlini, uhlabe, ulungise, ngokuba azodla nami emini.”


Bheka, iNkosi uSimakade Wamabandla iyakususa eJerusalema nakwaJuda konke abaphila ngakho, konke ukudla namanzi:


Base beya enduneni eyayiphethe endlini kaJosefa eyayingasemnyango, bakhuluma nayo,


Kuthe sekuphelile okusanhlamvu ababekade bekulande eGibhithe, uyise wathi kubo: “Phindelani niyosithengela okunye ukudla.”


U-Abhrahama watshela inceku yakhe eyase ikhulile, futhi yengamele indlu yakhe, nakho konke ayenakho, wathi: “Faka isandla sakho phansi kwethanga lami.


Faka indebe yami yesiliva, nemali yokuthenga okusanhlamvu emlonyeni wesaka lomncane.” Yenza njengoba uJosefa eshilo.


Kuthe lapho sebethulula amasaka abo, bamangala bonke lapho bebona ukuthi isikhwama semali salowo nalowo sisesakeni. Lapho bona noyise bebona ukuthi isikhwama salowo nalowo sisesakeni lakhe, bashaywa wuvalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite