Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 43:30 - IsiZulu 2020

30 UJosefa wathinteka kakhulu enhliziyweni yakhe lapho ebona umnawakhe, waphuma masinyane, wafuna indawo lapho angase akhale khona. Waya endlini yakhe, wakhala lapho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Wakhawuleza uJosefa, ngokuba ngaphakathi kwakhe kwavutha isihe ngomfowabo; wafuna lapho angakhala khona, wangena ekamelweni lakhe, wakhala khona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 UJosefa washesha; ngoba izibilini zakhe zinxanela umfowabo, wadinga lapho angakhala khona; wangena ekamelweni lakhe, wakhala khona.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 43:30
16 Referans Kwoze  

Wabafulathela, wakhala; wabuye waphindela kubo, wakhuluma nabo, wayesesusa uSimeyoni kubo, waboshwa bebuka.


Ngabe u-Efrayimi uyindodana yami ethandekayo na? Ngabe uyingane engithokoza ngayo na? Nakuba ngivame ukukhuluma kabi ngaye, nokho ngisamkhumbula. Ngakho-ke izibilini zami ziyamhawukela; ngiyakuba nesihe impela kuye,” kusho uSimakade.


Ngakho-ke uma kukhona induduzo kuKhristu, uma kukhona ukududuzeka ngothando, uma kukhona inhlanganyelo kaMoya, uma kukhona isisa nesihawu,


UNkulunkulu ungufakazi wami ukuthi nginilangazelela kangakanani nonke ngenxa yesihe sikaJesu Khristu.


“Ngingakuyekela kanjani, Efrayimi, ngikukhaphele kanjani, Israyeli na? Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima, ngikwenze kanjani ube njengeZebhoyimi na? Inhliziyo yami iyaphenduka ngaphakathi kimi, sonke isihawu sami sivusiwe.


Owesifazane okungowakhe umntwana ophilayo wakhuluma enkosini, ngenxa yokuthi kwavuka izinseka ngomntwana wakhe, wathi: “Ngixolele, nkosi yami, mnike yena umntwana ophilayo, ungalokothi umbulale,” kepha lo omunye, wathi: “Makangatholwa muntu phakathi kwami nawe; makaklaywe.”


Wakhala kakhulu baze bezwa nabaseGibhithe, leso sililo saze safinyelela nasendlini kaFaro.


Kepha uma umuntu enengcebo yezwe, bese ebona umzalwane wakhe eswele, angamenzeli sihawu, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na?


ngilangazelela ukukubona; ngikhumbula izinyembezi zakho, ukuze ngigcwaliswe ngentokozo.


Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele enhliziyweni; isisa, ukuzithoba, ubumnene, nokuqinisela ekuhluphekeni;


Bonke bakhala kakhulu, bamxhawula, bamanga,


Ngakho qaphelani, nikhumbule ukuthi iminyaka emithathu, ubusuku nemini angiyekanga ukuniluleka nonke ngamunye ngezinyembezi.


Ngikhonza iNkosi ngokuthobeka okukhulu, ngezinyembezi, nangokulingwa okwangehlela ngenxa yamacebo abaJuda.


uJosefa wabophela inqola yakhe yempi, wakhuphuka, wamhlangabeza uyise u-Israyeli. UJosefa waziveza kuye, wamgona, wakhala isikhathi eside encike ehlombe lakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite