Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 43:18 - IsiZulu 2020

18 Bafikelwa yingebhe lapho bebona ukuthi bangeniswe endlini kaJosefa, bathi: “Kungenxa yemali eyabuyiselwa emasakeni ethu ekuqaleni, ngakho-ke silethwe kule ndawo ukuze asizume, asithathe asenze izigqila, aqhwage nezimbongolo zethu.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Amadoda esaba, ngokuba angeniswa endlini kaJosefa, athi: “Singeniswe lapha ngenxa yemali eyabuyiselwa emasakeni ethu kuqala ukuba asizume, asehlele, asenze izigqila kanye nezimbongolo zethu.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Amadoda esaba, ngokuba angeniswa endlini kaJosefa; bathi: Ngenxa yemali eqale yabuyiselwa emaphaketheni ethu, sangeniswa; ukuze afune ithuba ngokumelene nathi futhi asehlele futhi asithathe njengezigqila nezimbongolo zethu.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 43:18
20 Referans Kwoze  

Kuthe lapho sebethulula amasaka abo, bamangala bonke lapho bebona ukuthi isikhwama semali salowo nalowo sisesakeni. Lapho bona noyise bebona ukuthi isikhwama salowo nalowo sisesakeni lakhe, bashaywa wuvalo.


Kepha isono sathola ithuba ngomyalo, saveza kimi zonke izinhlobo zokufisa; ngokuba ngaphandle komthetho, isono sifile.


Kepha uHerode esekuzwile lokho, wathi: “UJohane, lo engamnquma ikhanda, uvusiwe.”


Kwathi lapho bezwa abendlu kaDavide, kuthiwa: “I-Aramu libambisene no-Efrayimi,” inhliziyo yakhe neyabantu bakhe yangenwa yitwetwe, banyakaza njengezihlahla zehlathi zinyakaziswa ngumoya.


Kwathi ngicabanga ukuba ngikuqonde lokho, kwaba luhlupho emehlweni ami,


Besaba kakhulu, kube kungekho okwesabisayo. UNkulunkulu uwasakazile amathambo alowo okuvimbezelayo. Wena uzobathela ngehlazo, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.


Lungithelekela ngokungathi, kuvuleke isikhala esikhulu phakathi kwencithakalo.


Ukunkeneneza okwesabisayo kusezindlebeni zakhe, uyothi esahlezi enethezekile, kutheleke umphangi.


Uyise nonina babengazi ukuthi lokhu kuvela kuSimakade, ngokuba wayefuna ithuba lokuthi alwe namaFilisti. Ngaleso sikhathi amaFilisti ayebusa phezu kuka-Israyeli.


UManowa wathi kumkakhe: “Impela sizokufa ngokuba sibone uNkulunkulu.”


useyisola ngezinto eziyihlazo, uthi: “Angiyitholanga indodakazi yenu iyintombi,” ngakho nabu ubufakazi bokuthi indodakazi yami ibiyintombi.’ Bayokwendlala ingubo phambi kwamalunga omuzi.


iyisole ngezinto eziyihlazo, ihlambalaze igama layo, ithi: ‘Ngamthatha lo wesifazane; kwathi ngisondela kuye, ngathola ukuthi akaseyiyo intombi,’


Wathi kubafowabo: “Imali yami ibuyiselwe kimi, nansi esakeni lami.” Baphelelwa ngamandla, baqhaqhazela, babukana, bathi: “Yini lena uNkulunkulu asenza yona na?”


Base behlanganisa amakhanda, bavumelana bathi: “Impela sinecala ngomfowethu, salubona usizi enhliziyweni yakhe, esincenga ukuba simhawukele, kodwa asimlalelanga, yingakho sivelelwa yinkathazo enje.”


Indoda yenza njengoba uJosefa eshilo, yabangenisa endlini yakhe.


Base beya enduneni eyayiphethe endlini kaJosefa eyayingasemnyango, bakhuluma nayo,


Lokho-ke kwenza ukuthi omengameli nezikhulu bafune ukuthola utho olubi ngoDaniyeli oluqondene nombuso, kepha abatholanga lutho nacala kuye, ngokuba wayethembekile; akutholakalanga siphosiso nankohlakalo kuye.


Omunye kuthe evula isaka lakhe esikhungweni sokulala ukuba anike imbongolo yakhe ukudla, wafica imali yakhe emlonyeni wesaka.


Bheka, imali esayithola emilonyeni yamasaka ethu, sabuya nayo sisuka eKhanani. Pho singaleba kanjani isiliva noma igolide endlini yenkosi yakho na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite