Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 43:14 - IsiZulu 2020

14 Sengathi uNkulunkulu uSomandla anganenzela umusa phambi kwalowo muntu, akhulule umfowenu noBhenjamini; uma ngingafelwa ngabantwana bami, ngobe ngifile kwamina.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 UNkulunkulu uSomandla aniphe umusa ebusweni balowo muntu, ukuze anikhululele umfowenu lowo omunye kanye noBenjamini; kepha mina, uma ngaphucwa abantwana, ngiyaphucwa.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 UNkulunkulu, uMninimandla onke, makaniphe umusa phambi kwalowo muntu, ukuze animukise umfowenu omunye noBenjamini. Uma ngiphucwa izingane zami, ngigetshengwa.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 43:14
30 Referans Kwoze  

“Hamba uqoqe bonke abaJuda abahlala eShushani; nizile ngenxa yami, ningadli, ningaphuzi kuze kuphele izinsuku ezintathu, imini nobusuku. Mina nezintombi ezingisebenzelayo sizozila njengani; ngiyobe sengiya-ke enkosini noma kungukwephula umthetho lokho. Uma ngibhubha, mangibhubhe.”


Kwathi u-Abhrama eseneminyaka engama-99, uSimakade wabonakala kuye wathi: “NginguNkulunkulu uSomandla. Hamba phambi kwami ungenasici.


Sesehlulekile ukumvimba, sathula sathi: “Mayenziwe intando yeNkosi.”


Nkosi, ake ubeke indlebe yakho emthandazweni wenceku yakho nasemithandazweni yezinceku zakho ezikuthokozelayo ukudumisa iGama lakho. Iphumelelise inceku yakho namuhla, uyiphe umusa phambi kwalo muntu.” Ngaleso sikhathi ngangingumphathindebe wenkosi.


Lapho uSimakade ethokozile ngezindlela zomuntu, wenza izitha zakhe zihlalisane ngokuthula naye.


Umusa wakho mawuze kimi, Simakade, insindiso yakho ngokwezwi lakho.


Ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade, nokwethembeka kwakhe, ezizukulwaneni ngezizukulwane.


U-Abhrahama wabiza igama laleyo ndawo ngokuthi: “KukwaSimakade uyabonelela,” njengoba kushiwo nanamuhla kuthiwa: “Entabeni kaSimakade kuyabonelelwa.”


Umusa, isihawu nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuJesu Khristu iNdodana kaYise ngokweqiniso nangothando, kuzakuba nathi.


KuThithu, umntanami, ngokweqiniso ekukholweni esikuhlanganyele sonke: makube kuwe umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKhristu uJesu uMsindisi wethu.


Kepha ngahawukelwa ngalokhu ukuze uKhristu uJesu akubonakalise kimi engingesikhulu isoni, konke ukubekezela kwakhe, ngibe yisibonelo kulabo abazakukholwa kuye, baze babe nokuphila okuphakade.


kuThimothewu, umntanami isiminya okholweni: makube kuwe umusa, ububele nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKhristu uJesu iNkosi yethu.


Wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko ezamehlelayo, wamupha umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro, iNkosi yaseGibhithe. UFaro wambeka ukuba abe ngumbusi eGibhithe nakuyo yonke indlu yakhe.


Isihawu sakhe sisezizukulwaneni ngezizukulwane kubo abamesabayo.


Jabulani mazulu, uthokoze nawe mhlaba, qhumukani zintaba, nihube, ngokuba uSimakade ubaduduzile abantu bakhe, unozwelo kwabahluphekileyo bakhe.


Inhliziyo yenkosi injengemifula yamanzi esandleni sikaSimakade, uyiphendula iye noma kuphi lapho ethanda khona.


Lezi yizaga zikaSolomoni, indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli.


Makadunyiswe uSimakade, uNkulunkulu wokhokho bethu, obeke into enje enhliziyweni yenkosi, ukuba ihlobise indlu kaSimakade eJerusalema ngale ndlela,


Uyise uJakobe wayesethi kubo: “Niyangephuca abantwana bami; uJosefa akasekho, noSimeyoni akasekho, manje senifuna ukuthatha noBhenjamini; konke lokhu kungaphezu kwamandla ami.”


Wabafulathela, wakhala; wabuye waphindela kubo, wakhuluma nabo, wayesesusa uSimeyoni kubo, waboshwa bebuka.


USimakade wayenaye uJosefa, wamenzela umusa, waba nogazi kumphathijele.


UNkulunkulu wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla. Zala wande, ube yisizwe esikhulu. Kuwe kuyovela izizwe eziningi. Nasokhalo lwakho kuyovela amakhosi.


Sengathi uNkulunkulu uSomandla angakubusisa, akwandise kakhulu, ukuze kuvele kuwe izizwe eziningi.


Sikhombise ububele bakho, Simakade, usiphe insindiso yakho.


UPilatu waphendula, wathi: “Esengikulobile, ngikulobile.”


Thathani umfowenu, nivuke, niphindele kulowo muntu.


Wenza ukuthi bonke ababebathumbile babazwele.


Induna yaqala ukucinga ezibulweni, yagcina ngothunjana. Indebe yatholakala esakeni likaBhenjamini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite