Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 43:11 - IsiZulu 2020

11 Uyise u-Israyeli wathi kubo: “Uma kunjalo, yenzani lokhu: thathani okwekhethelo okuvela emhlabathini lapha, nikufake emasakeni enu, nifike nikuphe lowo muntu: ingcosana yebhalisamu, uju, amakha, inhlaka, amantongomane, nama-alimondi,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Uyise u-Israyeli wayesethi kubo: “Uma kunjalo, yenzani lokhu; phathani izithelo ezikhethiweyo zezwe emasakeni enu, nimehlisele lowo muntu isipho, ibhalisamu* eliyingcosana, nezinyosi eziyingcosana, namakha, nemure,* namapisitakiyo,* nama-alimondi,*

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 U-Israyeli uyise wayesethi kubo: “Uma kunjalo, kwenzeni; Thathani ezitsheni zenu izithelo ezinhle kakhulu zezwe, nilethe isipho kumuntu, ibhalisamu elincane nezinyosi ezincane, izinongo nomure, amakinati nama-alimondi;

Gade chapit la Kopi




UGenesise 43:11
37 Referans Kwoze  

Bahlala phansi, badla; kuthe bephakamisa amehlo, babona ihele labakwa-Ishmayeli liqhamuka kwaGileyadi, amakameli abo ethwele inhlaka, nebhalisamu, nemure, bekwehlisela eGibhithe.


Alikho yini ibhalisamu kwaGileyadi na? Ayikho yini inyanga lapho na? Pho abelashwa ngani abantu bami na?


“ ‘UJuda nezwe lakwa-Israyeli babehweba kuwe; bahweba impahla yakho ngokolo waseMinithi, ngojeqe, ngoju, ngamafutha nangebhalisamu.


Isipho somuntu simvulela iminyango, simphendlele indlela kwabakhulu.


USawule wayesethi encekwini yakhe: “Uma siya lapho, siyakumnikani lowo muntu na? Isinkwa siphelile emigodleni yethu, akusekho sipho esingasiyisa kulowo muntu kaNkulunkulu; sisenani na?”


Sesehlulekile ukumvimba, sathula sathi: “Mayenziwe intando yeNkosi.”


“ ‘Abantu baseDedani bahwebelana nawe; iziqhingi eziningi kwakuyizindawo zakho zokuhweba; baletha kuwe uphondo lwendlovu nezingodo ezimnyama zomthombothi, kwaba yisipho sakho.


Shesha, njengensephe, noma isixhumo sendluzelekazi ezintabeni zamakha, wena othandiweyo wami.


inadi nesafroni, nomhlanga nesinamoni, nazo zonke izihlahla zenhlaka, zemure, zenhlaba, nazo zonke izinhlobo zamakha ekhethelo.


Lumnandi kangakanani uthando lwakho, dadewethu, makoti wami! Lumnandi kakhulu kangakanani uthando lwakho, ukwedlula iwayini, nephunga lamakha akho, kunawo wonke amakha!


Isipho esikhishwa ekusithekeni sibohlisa ulaka, nomfumbathiso obuthukuswe esifubeni uyayidambisa intukuthelo enkulu.


Baningi abazincengela ezikhulwini; bonke bafuna ukuba ngumngani womuntu ophanayo.


Umuntu oswela ukuqonda uxhawulana nomunye, enze isivumelwano, isithembiso phambi kukamakhelwane wakhe.


Thembisani, nizifeze izithembiso enizenza kuSimakade uNkulunkulu wenu. Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owesabekayo.


Amakhosi aseTharishishi nawaseziqhingini ayakuletha izipho. Amakhosi aseShebha naseSebha ayoletha izipho.


Ngenxa yethempeli lakho eJerusalema, amakhosi ayokulethela izipho.


“Hamba uqoqe bonke abaJuda abahlala eShushani; nizile ngenxa yami, ningadli, ningaphuzi kuze kuphele izinsuku ezintathu, imini nobusuku. Mina nezintombi ezingisebenzelayo sizozila njengani; ngiyobe sengiya-ke enkosini noma kungukwephula umthetho lokho. Uma ngibhubha, mangibhubhe.”


Ngaleso sikhathi kwasuka uMerodaki Bhaladari, indodana kaBhaladani, inkosi yaseBhabhele, wathumela kuHezekiya izincwadi nesipho, ngokuba wayezwile ukuthi kade ebambekile.


U-Ahazi wathatha isiliva negolide alithola endlini kaSimakade nasengcebeni yesigodlo, walithumela enkosini yase-Asiriya, laba yisipho sayo.


Inkosi yayisithi kuHazayeli: “Thatha isipho, uhambe uyomhlangabeza umuntu kaNkulunkulu. Ubuze kuSimakade uthi: ‘Ngizosinda yini kulesi sifo na?’ ”


“Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe naphakathi kukababa noyihlo. Ngithumela kuwe isipho sesiliva nesegolide; hamba waphule isivumelwano sakho noBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, ukuze ahlukane nami.”


Baletha, kwaba yilowo nalowo, isipho sakhe: izitsha zesiliva, izitsha zegolide, izingubo, izikhali, amakha, amahhashi, neminyuzi, lokhu bekwenza minyaka yonke.


ngaphandle kwalokho okwakuvela kubahwebi, enzuzweni yabathengisi, emakhosini ase-Arabhiya nakubabusi bezwe.


USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke, kusukela emfuleni kuze kube sezweni lamaFilisti nasemngceleni eGibhithe; bathela intela, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.


Manje-ke lesi sipho esilethwa yincekukazi yakho enkosini yami, masinikwe izinsizwa ezilandela inkosi yami.


ngamagugu ezithelo zelanga, ngamagugu esivuno senyanga,


Sengathi uNkulunkulu uSomandla anganenzela umusa phambi kwalowo muntu, akhulule umfowenu noBhenjamini; uma ngingafelwa ngabantwana bami, ngobe ngifile kwamina.”


UJakobe wathi: “Qha, uma ngifumene umusa kuwe, samukele isipho esivela kimi, ngokuba ukubona ubuso bakho nje kufana nokubona ubuso bukaNkulunkulu, njengoba ungamukele ngomusa ongaka.


Nokho, nganitshela ngathi: “Niyolidla izwe lazo, ngininike lona libe yifa lenu, izwe elichichima ubisi noju;” nginguSimakade uNkulunkulu wenu onehlukanisile kwezinye izizwe.


ngokuba uma besingabambezelekanga ngabe sesibuyele kabili.”


Amadoda ayesethatha isipho, nemali ephindwe kabili, noBhenjamini, asuka ehlela eGibhithe, aziveza kuJosefa.


Ayeselungisa isipho, alungela ukufika kukaJosefa emini, ngoba ayezwile ukuthi azodla lapho.


Kwathi lapho uJosefa efika ekhaya, amadoda ethula isipho ayefike naso, aguqa ayesethi mbo ngobuso emhlabathini.


“ ‘Abahwebi baseShebha nabaseRama babethenga kuwe, behwebelana nawe ngazo zonke izinongo zekhethelo, ngawo wonke amatshe ayigugu, nangegolide.


Ngehlile ukuzobakhulula esandleni sabaseGibhithe, nokubakhuphula kuleli lizwe, ngibayise ezweni elihle nelibanzi, izwe elichichima ubisi noju, izwe lamaKhanani, amaHithi, ama-Amori, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite