Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 42:9 - IsiZulu 2020

9 UJosefa wawakhumbula amaphupho ayewaphuphile. Wayesethi kubo: “Niyizinhloli, nize ukuzohlola ukuthi leli lizwe lintenga ngakuphi.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UJosefa wayesekhumbula amaphupho awaphupha ngabo, wathi kubo: “Niyizinhloli; nize ukubona ubuze bezwe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UJosefa wayesekhumbula amaphupho awaphupha ngabo, wathi kubo: “Niyizinhloli; ukubona ubuze bezwe oze kulo.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 42:9
15 Referans Kwoze  

USimakade wayesebashaya abantu ngobhubhane, ngokuba benza ithole, lelo elalenziwe ngu-Aroni.


Ngokukholwa, uRahabi isifebe, akabhubhanga nalabo ababengalalelanga, ngokuba wemukela izinhloli ngokuthula.


Bamqaphela, base bethumela izinhloli ezazizenza abalungileyo ukuba zimhile ngakushoyo, ukuze bamnikele kumbusi nasegunyeni lesiphathimandla.


UDavide wathumela izinhloli, ukuze aqinisekise ukuthi nguSawule zinqotho ofikile.


Lapho izinhloli zibona indoda eyayiphuma emzini, zathi kuyo: “Sikhombise indlela yokungena emzini, sizokuphatha kahle.”


Izinsizwa ezazikade ziyizinhloli zangena zamkhipha uRahabi, noyise, nonina, nabafowabo, nabo bonke ayenabo. Zawukhipha wonke umndeni wakhe, zababeka ngaphandle kwenkambu yakwa-Israyeli.


UJoshuwa, indodana kaNuni, wayesethumela izinhloli ezimbili isinyenyela, zisuka eShithimu, wathi kuzo: “Hambani nisihlolele izwe, ikakhulu iJerikho.” Zahamba, zafike zangenisa endlini yesifebe esibizo laso nguRahabi, zalala khona.


“Thumela amadoda ukuba ayohlola iKhanani engizakulinika abantu bakwa-Israyeli. Uthumele umuntu abe munye kuleso naleso sizwana sokhokho babo, yilowo nalowo abe ngumholi phakathi kwaso.”


Uma senimlethile umfowenu omncane kimi, ngiyokwazi ukuthi aniyizo izinhloli, nokuthi ningamadoda aqotho; ngakho-ke ngiyobe sengininika umfowenu nihambe naye kuleli lizwe.’ ”


Thumelani omunye wenu ukuba amlande umfowenu. Nina nonke nizoboshwa ukuze kubonakale ukuthi enikushilo kuyiqiniso yini; uma kungenjalo, ngimfunge uFaro, niyizinhloli.”


Kepha abaholi babantu bakwa-Amoni bathi kuHanuni, inkosi yabo: “Uma ubheka, ucabanga ukuthi uDavide uthumele abazokududuza ngoba ehlonipha uyihlo na? Akungakho yini ukuba izinceku zakhe zizohlola umuzi, bese ziwubhubhisa na?”


Abafowabo baba nomona ngaye, kodwa uyise wawagcina enhliziyweni yakhe lawo maphupho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite