Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 42:38 - IsiZulu 2020

38 UJakobe wathi: “Indodana yami ayiyukwehla nani, ngokuba umfowabo ufile, manje nguye yedwa osele, uma ehlelwa yingozi endleleni, niyokwenza ukuba ngiye kwelabafileyo nginomunyu.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

38 Wathi: “Indodana yami ayiyikwehla nani, ngokuba umfowabo ufile, kusele yona yodwa; uma yehlelwa yingozi endleleni eniyihambayo, niyakwehlisela endaweni yabafileyo izimvi zami ngosizi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

38 Wayesethi: “Indodana yami ayinakwehla nani; ngoba umfowabo ufile, yena usesele yedwa; uma emehlelwa okubi endleleni enihamba ngayo, niyokwehlisela izimvi zami endaweni yabafileyo ngosizi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 42:38
20 Referans Kwoze  

Onke amadodana namadodakazi akhe, afika ukuzomduduza, kepha kwanhlanga zimuka nomoya. Wathi: “Ngiyoze ngiye kwelabafileyo ngisayililela indodana yami.” Waqhubeka nokuyililela indodana yakhe.


Kepha uJakobe akamthumelanga uBhenjamini, ongumnawabo kaJosefa kanye nabo, ngokuba wathi: “Funa ehlelwe yingozi.”


UJakobe eyibona, wathi: “Yingubo yendodana yami le. Isilwane esibi sasendle simdlile. Simdwengulile uJosefa waba yizicucu.”


Bazilandulela bathi: “Izinceku zakho ziyizelamani ezili-12, zingamadodana endoda eyodwa, eyakhe eKhanani, uthunjana usele nobaba, omunye akasekho.”


Niyoze niguge nginguye, yebo, niyoze nibe yizimpunga, ngiyakunithwala; ngikwenzile lokhu, futhi ngiyakunetshatha, yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule.


Ngathi: “Ngangiphakathi nempilo yami ngizongena emasangweni endawo yabafileyo, ngaphucwe ingxenye yeminyaka yami.”


Ngokuba uNkulunkulu umupha ukuhlakanipha, nokuqonda nentokozo umuntu omthokozisayo, kodwa isoni usinika umsebenzi wokuqokelela nokumbondela, ukuze siwunike lowo othokozisa uNkulunkulu. Nalokho kuyize, kufana nokubamba utalagu.


Ngiyibone yonke imisebenzi eyenziwa phansi komthunzi welanga; impela konke kufana nokubamba utalagu!


Izinsuku esiziphilayo ziyiminyaka engamashumi ayisikhombisa, kuthi uma ziziningi, zibe yiminyaka engamashumi ayisishiyagalombili.


Nalapho sengimdala, sengiyimpunga, uze ungangishiyi, ukuze ngishumayele ubukhulu bakho kwabasazozalwa, namandla akho ezizukulwaneni.


Uyokwenza njengokuhlakanipha kwakho, ungavumi ukuba aze abe mpunga, aye endaweni yabafileyo ngokuthula.


Sathi enkosini yami: ‘Sinaye ubaba osekhulile, nendodana esencane ayizala esegugile. Umfowabo sewafa, sekusele yona yodwa esiswini sikanina futhi uyise uyayithanda.’


UJakobe wayeseklebhula izingubo zakhe, wembatha isaka okhalo lwakhe, walilela indodana yakhe izinsuku eziningi.


URubeni wathi kuyise: “Uma ngingambuyiseli kuwe, bulala amadodana ami omabili, kodwa manje mnikele esandleni sami, ngizombuyisela kuwe.”


Thathani umfowenu, nivuke, niphindele kulowo muntu.


Sathi enkosini yami: ‘Umfana akanakumshiya uyise, ngokuba uma engamshiya, uyise angafa.’


Ishiya umgudu ocwebezelayo emva kwayo, utwa kube sengathi lungwevu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite