Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 42:28 - IsiZulu 2020

28 Wathi kubafowabo: “Imali yami ibuyiselwe kimi, nansi esakeni lami.” Baphelelwa ngamandla, baqhaqhazela, babukana, bathi: “Yini lena uNkulunkulu asenza yona na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Wayesethi kubafowabo: “Imali yami ibuyiselwe; bhekani, isesakeni lami.” Baphela amandla, babhekana omunye nomunye bethuthumela, bethi: “Kuyini lokhu uNkulunkulu asenzele khona na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Wayesethi kubafowabo: “Imali yami isibuyisiwe; futhi bheka, isikhona ngisho ephaketheni lami;

Gade chapit la Kopi




UGenesise 42:28
14 Referans Kwoze  

Abantu bayakuquleka ngenxa yokwesaba nangokulindela lokho okuyakwehlela umhlaba, ngokuba amandla ezulu ayakunyakaziswa.


Lingabethwa yini icilongo emzini qede abantu bangathuthumeli na? Umuzi ungehlelwa yini yinhlekelele uma engayenzanga uSimakade na?


Kukhona yini ongahlela bese enza akuhlelile, uma iNkosi ingakuvumelanga na?


USimakade wenze abekusophile, ufeze izwi lakhe ayelishilo kwasemandulo; ubhidlizile ngokungenaluzwelo, isitha wasenza sathokoza phezu kwethu, waphakamisa uphondo lwezitha zethu.


yimi engenza ukukhanya nengidala ubumnyama, ngenza ukuthula, ngidale inhlekelele; nginguSimakade owenza konke lokho.


Ngamvulela othandiweyo wami, kodwa othandiweyo wami wayesejike wahamba, umphefumulo wami wephuka lapho esephendukele eceleni, ngamfuna kodwa ngangamthola, ngambiza, akaze angiphendula.


Ngisemkhawulweni womhlaba, ngikhala kuwe lapho inhliziyo yami idangele. Ngiholele edwaleni eliphakemeyo kunami.


ukudla okwakusetafuleni lakhe, indlela izinceku zakhe ezazihlala ngayo, ukuma kwezikhonzi zakhe, izembatho zazo, abaphathizitsha bakhe, umnikelo wakhe wokushiswa ayewunikela endlini kaSimakade, yabamba ongezansi.


Awuyukukuthola ukuphumula phakathi kwalezo zizwe, akuyukuba bikho ukuphumula ematheni onyawo lwakho, kodwa uSimakade uyokunika inhliziyo egubhazelayo, namehlo anqundekayo, nokudangala komphefumulo.


“ ‘Abayosala phakathi kwenu, ngiyakubehlisela indumalo ezinhliziyweni zabo, besemazweni ezitha zabo. Bayakuxoshwa ngisho nangukuhashaza kweqabunga lipheshethwa ngumoya, babaleke njengomuntu ebalekela inkemba, bawe kungekho obaxoshayo.


Yathi kubo: “Khululekani, ningesabi. UNkulunkulu wenu, uNkulunkulu kayihlo waninika umcebo emasakeni enu. Imali enathenga ngayo ngayithola.” Yayisimkhipha ejele uSimeyoni, yamletha kubo.


Uyise uJakobe wayesethi kubo: “Niyangephuca abantwana bami; uJosefa akasekho, noSimeyoni akasekho, manje senifuna ukuthatha noBhenjamini; konke lokhu kungaphezu kwamandla ami.”


U-Isaka wethuka wagedezela, wathi: “Ngubani kanti lona ozingele inyamazane wayiletha kimi, ngayidla ungakafiki, ngambusisa na? Yebo, uyohlala engobusisekileyo impela.”


Sebefike kuyise uJakobe eKhanani, bamlandisa ngakho konke okwakubehlele, bathi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite