Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 42:27 - IsiZulu 2020

27 Omunye kuthe evula isaka lakhe esikhungweni sokulala ukuba anike imbongolo yakhe ukudla, wafica imali yakhe emlonyeni wesaka.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Kwathi omunye evula isaka lakhe ukuba ayinike imbongolo yakhe ukudla endlini yezihambi, wabona imali yakhe; bheka, yayisemlonyeni wesaka lakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Omunye wabo wavula isikhwama sakhe ukuba aphe imbongolo yakhe endlini yezihambi, wabheka imali yakhe; ngoba bheka, lalisemlonyeni wesikhwama sakhe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 42:27
9 Referans Kwoze  

Esendleleni, endaweni yokuphumula, uSimakade wahlangana naye, wafuna ukumbulala.


waya kuye, wambopha amanxeba, wathela amafutha newayini kuwo, wamgibelisa esilwaneni sakhe, wamusa endlini yezihambi, wamnakekela.


Wazibula ngendodana, wayisonga ngendwangu, wayilalisa emkhombeni, ngokuba beswela indawo endlini yezihambi.


Bawethula ngokushesha amasaka abo, bawabeka emhlabathini, bawavula, yilowo wavula isaka lakhe.


Waqhubeka wathi: “Sinotshani nefolishi eliningi ekhaya, nendawo yokulala.”


Bazethwesa izimbongolo zabo okusanhlamvu, base beqala uhambo lwabo.


Kuthe lapho sebethulula amasaka abo, bamangala bonke lapho bebona ukuthi isikhwama semali salowo nalowo sisesakeni. Lapho bona noyise bebona ukuthi isikhwama salowo nalowo sisesakeni lakhe, bashaywa wuvalo.


Bafikelwa yingebhe lapho bebona ukuthi bangeniswe endlini kaJosefa, bathi: “Kungenxa yemali eyabuyiselwa emasakeni ethu ekuqaleni, ngakho-ke silethwe kule ndawo ukuze asizume, asithathe asenze izigqila, aqhwage nezimbongolo zethu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite