Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 42:24 - IsiZulu 2020

24 Wabafulathela, wakhala; wabuye waphindela kubo, wakhuluma nabo, wayesesusa uSimeyoni kubo, waboshwa bebuka.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Wabafulathela, wakhala; wabuye waphendukela kubo, wakhuluma nabo; wayesemsusa uSimeyoni phakathi kwabo, wambopha phambi kwamehlo abo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Wabafulathela, wakhala; wabuye wabuyela kubo, wakhuluma kubo, wamthatha uSimeyoni kubo, wambopha phambi kwamehlo abo.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 42:24
15 Referans Kwoze  

UJosefa wathinteka kakhulu enhliziyweni yakhe lapho ebona umnawakhe, waphuma masinyane, wafuna indawo lapho angase akhale khona. Waya endlini yakhe, wakhala lapho.


Ngokuba asinaye umPhristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kodwa lowo olingiwe kukho konke njengathi, ebe engenasono.


Uma kuhlupheka isitho esisodwa, zonke izitho zihlupheka kanye naso. Uma kuhlonishwa esisodwa, zonke zijabula kanye naso.


Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.


Kwathi lapho esondela, ewubona umuzi, wawukhalela.


kuzo zonke izinhlupheko zabo. Ingelosi yobukhona bakhe yabasindisa. Wabahlenga ngenxa yothando lwakhe, nesihawu sakhe; wabetshatha, wabathwala zonke izinsuku zasemandulo.


Yathi kubo: “Khululekani, ningesabi. UNkulunkulu wenu, uNkulunkulu kayihlo waninika umcebo emasakeni enu. Imali enathenga ngayo ngayithola.” Yayisimkhipha ejele uSimeyoni, yamletha kubo.


Sengathi uNkulunkulu uSomandla anganenzela umusa phambi kwalowo muntu, akhulule umfowenu noBhenjamini; uma ngingafelwa ngabantwana bami, ngobe ngifile kwamina.”


Kwathi ngosuku lwesithathu isabhokile iminjunju yokusokwa, amadodana kaJakobe, uSimeyoni noLevi, abafowabo bakaDina, bathatha kwaba yilowo nalowo inkemba, baphuma bayohlasela umuzi iShekhemu isinyelela, bashaya icole kwabesilisa.


Babengazi ukuthi uJosefa uyabezwa ngenxa yokuba kwakukhona ohumushayo phakathi kwabo.


UJosefa wayengasakwazi ukuzibamba phambi kwabo bonke ababemi naye, wakhala, wathi: “Khiphani bonke abanye abalapha phambi kwami.” Kwakungasekho muntu ngesikhathi uJosefa eziveza kubafowabo.


Wakhala kakhulu baze bezwa nabaseGibhithe, leso sililo saze safinyelela nasendlini kaFaro.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite