Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 42:13 - IsiZulu 2020

13 Bazilandulela bathi: “Izinceku zakho ziyizelamani ezili-12, zingamadodana endoda eyodwa, eyakhe eKhanani, uthunjana usele nobaba, omunye akasekho.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Base bethi kuye: “Thina zinceku zakho ziyizelamani eziyishumi nambili, amadodana andodanye ezweni laseKhanani; bheka, encane ikubaba manje, enye ayisekho.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Bathi: “Izinceku zakho ziyizelamani eziyishumi nambili, amadodana andodanye ezweni laseKhanani; bheka, encane ikubaba namuhla, enye ayikho.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 42:13
26 Referans Kwoze  

Wabuyela kubafowabo wathi kubo: “Akasekho umfana emgodini, ngizoshonaphi mina na?”


Sathi enkosini yami: ‘Sinaye ubaba osekhulile, nendodana esencane ayizala esegugile. Umfowabo sewafa, sekusele yona yodwa esiswini sikanina futhi uyise uyayithanda.’


Siyizelamani ezili-12, amadodana endoda eyodwa, enye ayisekho, uthunjana kumanje usele nobaba eKhanani.’


Bathi: “Lowaya muntu wasibuza wasiphenya nangezihlobo zethu, ethi: ‘Uyihlo usaphila yini na? Ninaye yini omunye umfowenu na?’ Thina samphendula, samtshela konke ayefuna ukukwazi. Sasingazi ukuthi angathi: ‘Lethani umfowenu.’ ”


“Kwezwakala izwi eRama, ukukhala nokulila okukhulu, uRaheli ekhalela abantwana bakhe, engavumi ukududuzwa, ngokuba bengasekho.”


Kwathi ukuba uHerode abone ukuthi izazi zimshaye ngemfe iphindiwe, wathukuthela kakhulu. Wathumela, wabulala bonke abantwana besilisa baseBhethlehema, nasezindaweni zonke ezakhelene nalo, ababeneminyaka emibili nangaphansi, njengokwesikhathi izazi ezazimtshele sona.


Okhokho bethu benza okubi, manje abasekho, kodwa sekuyithi esesithweswe ububi babo.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Izwi liyezwakala eRama, ukulila nokukhala okumunyu, uRaheli ekhalela abantwana bakhe; uyala ukududuzwa ngabantwana bakhe, ngokuba abasekho.”


Bambikela bathi: “UJosefa usaphila, ungumbusi walo lonke iGibhithe.” UJakobe waphela amandla, wakhungatheka, akaze abakholwa.


omunye sewangishiya, sengize ngakuvuma ukuthi impela sewafa, wadweshulwa yisilwane sasendle, futhi angikaze ngiphinde ngimbone kuze kube namuhla lokhu.


UJakobe wathi: “Indodana yami ayiyukwehla nani, ngokuba umfowabo ufile, manje nguye yedwa osele, uma ehlelwa yingozi endleleni, niyokwenza ukuba ngiye kwelabafileyo nginomunyu.”


Uyise uJakobe wayesethi kubo: “Niyangephuca abantwana bami; uJosefa akasekho, noSimeyoni akasekho, manje senifuna ukuthatha noBhenjamini; konke lokhu kungaphezu kwamandla ami.”


Sonke singamadodana endoda eyodwa, singabantu abaqotho, asiyizo izinhloli.”


Wathi kubo: “Qha, nize ukuzohlola izwe ukuthi lintengantenga kuphi.”


UJosefa wayesethi kubo: “Kunjengoba ngishilo kini ukuthi niyizinhloli.


Waphakamisa amehlo, wabona umfowabo uBhenjamini, abashiyelana naye ibele, wathi: “Nguye lo umfowenu omncane enangitshela ngaye na?” Wathi kuBhenjamini: “Sengathi uNkulunkulu angaba nomusa kuwe ndodana yami.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite