Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 41:57 - IsiZulu 2020

57 Amazwe onke aya eGibhithe ukuyothenga ukudla kuJosefa, ngokuba indlala yayisinzima emhlabeni wonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

57 Amazwe onke afika kuJosefa eGibithe ukuyothenga amabele, ngokuba indlala yayinzima emhlabeni wonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

57 Amazwe onke afika kuJosefa eGibithe ukuthenga ukolweni; ngoba indlala yayinzima emazweni wonke.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 41:57
11 Referans Kwoze  

Amadodana ka-Israyeli afika ukuzothenga ukudla ehambisana nabaningi ababezothenga, ngokuba indlala yayidlangile kulo lonke iKhanani.


Indlala yayisezweni lonke, ngakho-ke uJosefa wazivula zonke izinqolobane, wathengisela abaseGibhithe, ngokuba indlala yayisidlangile naseGibhithe.


Iminyaka eyisikhombisa yendlala yaqala njengoba uJosefa ayeshilo. Kwaba nendlala kulo lonke izwe, kodwa eGibhithe kwakukhona ukudla.


funa izwe owasikhipha kulo lithi: “Kwaba ngenxa yokuba uSimakade wayengakwazi ukubangenisa ezweni ayebathembise lona, futhi ebazonda; ubakhiphile ukuze ababulalele ehlane.”


Nakuba nangakhela uzungu nifuna ukungenzakalisa, kodwa uNkulunkulu wayehlose okuhle, ukuze namuhla kusindiswe izinkumbi zabantu.


UJakobe wezwa ukuthi kukhona ukudla eGibhithe, wayesethi emadodaneni akhe: “Kungani nilibele ukubukana na?”


Kwase kuhlasela indlala eKhanani, u-Abhrama wayesehlela eGibhithe ukuyogogobala khona, ngokuba indlala yayidlangile ezweni lakubo.


Indlala yayisalokhu idlangile ezweni.


UJosefa wayengumbusi ezweni, ethengisela bonke abantu bezwe, nabafowabo bafika, bamkhothamela bathi mbo ngobuso emhlabathini.


UJosefa waqoqa yonke imali eyayitholakala eGibhithe, neseKhanani, abantu ababeza ukuzothenga ngayo ukudla. Yonke leyo mali wayiyisa endlini kaFaro.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite