Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 41:51 - IsiZulu 2020

51 UJosefa waliqamba izibulo lakhe wathi nguManase, ngokuba ethi: “UNkulunkulu ungenze ngakukhohlwa ukuhlupheka kwami nendlu yonke kababa.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

51 UJosefa waqamba igama lezibulo ngokuthi uManase,* wathi: “Ngokuba uNkulunkulu ungenze ngikhohlwe konke ukuhlupheka kwami nendlu yonke kababa.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

51 UJosefa waqamba izibulo ngokuthi uManase, ngokuba wathi uNkulunkulu ungenze ngakhohlwa konke umshikashika wami nayo yonke indlu kababa.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 41:51
19 Referans Kwoze  

Ngokuba intukuthelo yakhe ingeyesikhashana, umusa wakhe umi ingunaphakade. Ukulila kungadonsa kuze kuhlwe; injabulo iqhamuke ekuseni.


Uyophuza, akhohlwe ubuphofu bakhe, angabe esalukhumbula usizi lwakhe.


Ukulila kwami ukuphendule ijadu, wangikhumula ingubo yesaka, wangembathisa injabulo,


Izibulo lenkunzi yakhe, udumo lwakhe, nezimpondo zenyathi ziyizimpondo zakhe; ngazo uyakuqhubukusha izizwe zonke ekugcineni komhlaba; zinjalo izigidi zakwa-Efrayimi, zinjalo izinkulungwane zakwaManase.’


Kuyolandela iminyaka eyisikhombisa yendlala, eyokwenza iminyaka yenala ikhohlweke eGibhithe, iyolikhahlameza kakhulu lonke izwe.


Ngakho-ke lowo oyobiza isibusiso ezweni uyakuzibusisa ngoNkulunkulu weqiniso, nalowo ofungayo ezweni, uyofunga ngoNkulunkulu weqiniso, ngokuba izinhlupheko zakuqala zikhohlakele, futhi zifihlakele emehlweni ami.”


Ngokuba angiyukulwa kuze kube phakade, angiyukuthukuthela ingunaphakade; funa umoya ophambi kwami uphelelwe ngamandla, ngisho nemiphefumulo engiyenzileyo.


Lalela-ke, ndodakazi, qaphela, ubeke indlebe yakho, ukhohlwe ngabantu bakini nangendlu kayihlo,


“Ngakho-ke lawa madodana akho amabili azalelwe lapha eGibhithe ngingakafiki, asengawami manje. U-Efrayimi noManase bangabami, njengoba kunjalo kuRubeni noSimeyoni.


U-Asenathi, indodakazi kaPotifera, umphristi wase-Oni, wamzalela uJosefa amadodana amabili, ingakaqali iminyaka eyisikhombisa yendlala.


Eyesibili indodana wayiqamba wathi ngu-Efrayimi, ngokuba ethi: “UNkulunkulu ungandisile ezweni lokuhlupheka kwami.”


Emveni kwalezo zinto uJosefa wathola umbiko othi: “Uyihlo uphathekile.” Wayesethatha amadodana akhe omabili uManase no-Efrayimi ukuyombona.


Ngokuba abozalo lukaJosefa babeyizizwana ezimbili, esakwaManase nesakwa-Efrayimi, akukho sabelo sezwe esasinikwe abaLevi, ngaphandle kwemizi ababehlala kuyo, namadlelo emfuyo nemihlambi yabo.


Isizwana sakwaManase sabelwa naso, ngokuba wayeyizibulo likaJosefa. UMakhiri izibulo likaManase, uyise kaGileyadi wanikwa iGileyadi neBhashani, ngokuba wayeyiqhawe.


Kwathi ngokuqhubeka kwesikhathi uHana wakhulelwa, wazibula ngendondana, wayiqamba igama wathi nguSamuweli, ethi: “Ngimcelile kuSimakade.”


Amadodana kaJosefa ngemindeni yawo yilawa: uManase no-Efrayimi.


Uyakukhohlwa ukuhlupheka kwakho, uyakukukhumbula njengamanzi adlulileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite