Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 41:45 - IsiZulu 2020

45 UFaro wamqamba uJosefa ngokuthi unguZafenathi Phaneya, wayesemganisela u-Asenathi indodakazi kaPotifera, umphristi wase-Oni. UJosefa walithola kanjalo igunya phezu kwalo lonke iGibhithe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

45 UFaro waqamba igama likaJosefa ngokuthi uSafenati Phaneya; wamnika u-Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni abe ngumkakhe. UJosefa waphuma, wahamba izwe lonke laseGibithe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

45 UFaro waqamba igama likaJosefa ngokuthi, Safnati Phaneya; wamnika u-Asenati indodakazi kaPotifera, umpristi wase-Oni, abe ngumkakhe. UJosefa waphuma, waya ezweni lonke laseGibithe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 41:45
11 Referans Kwoze  

Kuthe uJosefa eseGibhithe wazala uManase no-Efrayimi ku-Asenathi, indodakazi kaPotifera, umphristi wase-Oni.


Izinsizwa zase-Aveni nasePhi Bhesethi ziyakufa ngenkemba, abahlala emizini bathunjwe.


Kwakukhona umphristi kwaMidiyani owayenamadodakazi ayisikhombisa; eza ezokukha amanzi, ukuba agcwalise imikhombe ukuze imfuyo kayise iphuze.


Kwase kusukuma omunye wabo, ogama lakhe kungu-Agabhu, wabikezela ngoMoya ukuthi kuzakubhoka indlala enkulu ezweni lonke, lokho okwenzeka ngesikhathi sikaKlawudiyu.


Kwathi ngalezo zinsuku, uKhesari Awugustu wakhipha isimemezelo sokuba kubalwe abantu ezweni lonke.


U-Ira umJayiri engumphristi kaDavide.


uBhenaya, indodana kaJehoyada, engamele amaKherethi namaPhelethi; amadodana kaDavide engabaphristi.


UMelkhizedeki, inkosi yaseSalema, owayengumphristi kaNkulunkulu Ophezukonke, wamlethela isinkwa newayini.


U-Asenathi, indodakazi kaPotifera, umphristi wase-Oni, wamzalela uJosefa amadodana amabili, ingakaqali iminyaka eyisikhombisa yendlala.


Uyakwaphula izinsika zaseBhethi Shemeshi eziseGibhithe; ashise ngomlilo amathempeli onkulunkulu baseGibhithe.’ ”


Induna yabathenwa yabaqamba amagama; uDaniyeli yamqamba ngokuthi uBhelitheshazari, uHananiya waba nguShadiraki, uMishayeli waba nguMeshakhi, no-Azariya waba ngu-Abhedi Nego.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite