Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 41:41 - IsiZulu 2020

41 UFaro wathi kuJosefa: “Uyabona-ke, ngikubeka phezu kwalo lonke iGibhithe.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 Wathi uFaro kuJosefa: “Bheka, sengikubeke phezu kwezwe lonke laseGibithe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

41 UFaro wasesithi kuJosefa: Khangela, ngikumisile phezu kwelizwe lonke leGibhithe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 41:41
17 Referans Kwoze  

UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla wonke ezulwini nasemhlabeni.


UDaniyeli wabadlula omengameli nezikhulu, ngokuba wayenekhono eledlulele; inkosi yayicabanga ukumbeka ukuba engamele umbuso wonke.


UJosefa wayengumbusi ezweni, ethengisela bonke abantu bezwe, nabafowabo bafika, bamkhothamela bathi mbo ngobuso emhlabathini.


Uyambona umuntu onekhono, uyosebenzela amakhosi, hhayi abantukazana.


Inceku eyenza okuhlakaniphileyo iyabusa phezu kwendodana ehlazisayo; iyakudla ifa njengomunye wezelamani.


UMoridekhayi, umJuda, wayengowesibili ngokwesikhundla embusweni wenkosi u-Ahasheveroshi, enamandla phakathi kwabaJuda, iningi labakubo limthanda, ngokuba wayesebenzela inhlalakahle yabantu bakubo, elwela ukuphatheka kahle kwazo zonke izizukulwane zabo.


UFaro wathi kuJosefa: “Mina nginguFaro, kodwa ngaphandle kwemvume yakho akukho muntu oyophakamisa isandla, noma unyawo kulo lonke iGibhithe.”


Umphathijele wambeka uJosefa waba yinduna yabo bonke ayevalelwe nabo, kubuzwa kuye konke okwakwenzeka lapho.


Kusukela ngaleso sikhathi eyambeka ngaso, waba ngumphathi wendlu yayo, nakho konke eyayinakho; uSimakade wawubusisa umuzi walowo mGibhithe, nakho konke ayenakho. Isibusiso sikaSimakade sasiphezu kwakho konke uPotifari ayenakho endlini nasemasimini.


Wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko ezamehlelayo, wamupha umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro, iNkosi yaseGibhithe. UFaro wambeka ukuba abe ngumbusi eGibhithe nakuyo yonke indlu yakhe.


Wamenza umphathi wendlu yakhe, nenduna yezinto zakhe zonke,


Umuntu angaphuma ejele abuse, ngisho noma ezalwe engompofu embusweni.


Ngakho-ke akunina enangithuma lapha, kodwa nguNkulunkulu ongenze uyise kaFaro, nombusi ophethe endlini yakhe, naphezu kwezwe lonke iGibhithe.


Inkosi yamkhulisa uDaniyeli, yamupha izipho eziningi ezinkulu, yamenza ukuba abuse sonke isifunda saseBhabhele, abe ngumholi wababusi babahlakaniphileyo baseBhabhele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite